CELANI SIKHAKHANE
I-SACP KwaZulu-Natal isola ukuthi kukhona abangaphakathi kuKhongolose abakha itulo lokudicilela phansi uSihlalo we-ANC esifundazweni uMnuz Senzo Mchunu ngokusabalalisa ezifundeni ezahlukene ukuthi selokhu ethathe izintambo ngo-2013 umbutho unoqhekeko ngendlela engakaze ibonwe.
Lokhu kuvele ngesikhathi iSACP inesithangami nabezindaba eThekwini izolo lapho ibizocacisa ngezinye izinto ezixoxwe emhlanganweni wesigungu sayo esiphezulu sesifundazwe obungempelasonto.
Emasontweni edlule kuvele imibiko yokuthi kukhona abaholi abaphezulu ku-ANC nabe-ANCYL abasabalalisa umbiko othi uMchunu uyixove ngendlela engakaze ibonwe i-ANC KwaZulu-Natal okuyinto eyayingekho kusaphethe uDkt Zweli Mkhize.
Umgcinimafa weSACP esifundazweni, uNkk Nomarashiya Caluza, uthe sebeyabona ukuthi kukhona imizamo yokubeka kabi uMchunu ukuze adicilelwe phansi ngezinto ezingekho.
“Asiboni ukuthi kuyinto efanele ukuba kugxekwe uMchunu ngesimo sesifundazwe ngoba akayiholi yedwa i-ANC kodwa unesigungu abambisene naso. Ngakho awukwazi ukuthi uma kunezinto ezingahambi kahle esifundazweni bese ugxeka umuntu oyedwa,” kusho uNkk Caluza.
UNobhala weSACP esifundazweni, uMnuz Themba Mthembu usole i-ANCYL ngokuthi iyona exova izinto esifundazweni.
Uthe indlela eziphethe ngayo yiyo eyagcina idale ukuba uMnuz Julius Malema axoshwe ku-ANC kanti uma ingakhuzwa kuzokonakala.
“Okunye esikubonayo wukuthi kunabathile abasebenzisa imali ukuxova i-ANC ngoba benezinhloso zabo kanti kunomkhonyovu wokukhwabanisa ubulungu emagatsheni enhlangano. Abanye sizwa sebememeza indaba yokuthi akube noguquko okuyinto esiyibona yenziwa ngamabomu ukuze kuyiwe ku-2017 i-ANC namadlelandawonye ayo KwaZulu-Natal bexovekile. Ngaphandle nje kwalokho asiyiboni inkinga ngobuholi obukhona njengamanje ku-ANC esifundazweni ngoba uma kubhekwa kwezomnotho nokunye izinto zihamba kahle.
“Lokhu kukhomba ukusebenza ngokuzimisela kobuholi obukhona. Yingakho thina njengeSACP sifuna lobu buholi bubuyele njengoba bunje uma kufika ingqungquthela ngoNovemba. Okunye sifuna amalungu ethu angalokothi azihlanganise nemibhiyozo yokudicilela phansi i-ANC nabaholi bayo,” kusho uMthembu.
Ubuye wathinta udaba lwaseThekwini lwamatekisi wathi kade babesola ukuthi kukhona okunye okuthinta abantu abangaphakathi ku-ANC ngenhloso yokuba kungabinakho ukuthula.
I-SACP KwaZulu-Natal ithathwa njengohlaka oluhambisana noMnuz Senzo Mchunu efuna ukuba abuyiselwe esikhundleni sakhe kanti uMthembu naye ubalwa nabantu abafakwe ekutheni bakhethwe njengamalungu esigungu sakhe esiphezulu kodwa esingekho kuTop 5.
I-SACP ibuye yakhala ngecala lama-Amigos elahoxiswa elalibhekene noNkk Peggy Nkonyeni noMnuz Mike Mabuyakhulu, isola ukuthi kukhona okushaya amanzi nokudicilela isithunzi salaba baholi, njengoba iDA ifuna kuvuswe amacala abo.
UNkk Nkonyeni ufakwa njengomuntu ozoba yiphini likaMnuz Mchunu uma enqoba ukhetho bese kuthi uMabuyakhulu abe nguMgcinimafa.
Abanye abaholi abasohlwini lukaMchunu nguMnuz Nhlakanipho Ntombela ofunwa njengoNobhala bese esekelwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube obuye afunwe wuhlangothi lukaMnuz Sihle Zikalala ukuthi abe nguMgcinimafa.
UMthembu uthe maningi kabi amacala okusafanele amaphoyisa awasebenze kanzima ukuze kuvele iqiniso ngawo ikakhulukazi indaba yokubulawa kukaMnuz Sbu Sibiya, Wiseman Mshibe, Wandile Mkhize nowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa.