Basola igqubu kogwazwe wumngani wafa

Comment on this story
no friends2 . UMNIKAZI wendawo yokucima ukoma uZama Mkhize ukhomba lapho isidumbu sikaThamsanqa Ngubane esilale khona ngaphambi kokuphuthunyiswa emtholampilo. Isithombe: SHAN PILLAY

NONTUTHUKO NGUBANE

Ebika eseMgungundlovu

ABASONDELE nabangani ababili ingxabano yabo ephethe ngokuthi kugwazwe oyedwa ashone ethaveni yendawo eMbali, eMgungundlovu, basola ukuthi kungenzeka ukuthi bebenamagqubu amadala abebebambelene wona.

UThamsanqa “Thami” Ngubane (25), waseMbali ushone ngeSonto emva kokugwazwa ngumngani wakhe omkhulu abebephuza naye.

Isolezwe livakashele kule ndawo yokucima ukoma edume ngokuthi yikwaZama izolo lapho abangani bakaThami abebenaye ngobusuku bangoMgqibelo bebehlangenele khona bezokhuza umhlola ngalesi sigameko.

“Abantu bahlezi bexabana, baphinde beshayane uma bephuzile kodwa kuze kuphume isidumbu. Kuyacaca ukuthi kukhona abebekubangile esingakwazi thina. Laba bantu bakhule ndawonye, bezwana kakhulu, bebehlezi bephuza lapha,” kusho omunye ongunogada kule ndawo.

Akucacaci kahle ukuthi ngubani ogadle kuqala kulaba bobabili kodwa abebekhona ngesikhathi sengxabano bathe kube khona ukuhilizisana phakathi oyedwa uphumele ngaphandle wabiza omunye. kuthe uma efika wagadla ngebhodlela ekhanda.

“Ngifice sebelele phansi bobabili kungathi babambene, sabahlukanisa sabe sesibiza abezimo eziphuthumayo ukuze bephuthunyiswe emtholampilo,” kusho unogada obeyilanda le ndaba.

Ngokombiko wamaphoyisa uThami ubenenxeba elilodwa esifubeni. Umngani wakhe uboshelwe esibhedlela enenxeba ekhanda.

Umnikazi wendawo yokuphuzela, uNksz Zama Mkhize, uthe kuyaqala ukuba kwenzeke into efana nalena kule ndawo.

“Ngiphatheke kabi ngoThami ngoba ubejwayele lana, ubehlezi eziphuzela kule ndawo. Kuyaqala ngqa ukuba sivelelwe yinto efana nalena lapha,” kusho uNksz Mkhize.

Obesondelene kakhulu noThami, uNksz Andiswa Mkhize (22), obehluleka ngisho nokukhuluma nephephandaba ngenxa yokuphazamiseka emoyeni, uthe uThami ubekhombisa izimpawu zokuthi usezoshona.

“Angazi bebexatshaniswe yini. Engikwaziyo wukuthi uThami ubesazi ukuthi uzoshona. Ngigcina ukukhuluma naye uthe ufuna ngoMgqibelo ozayo ngifike nabangani bami bonke sizophuma sizijabulise naye. Awubheke manje sesizoya emgcwabeni wakhe ngawo loyo Mgqibelo,” kusho uNksz Mkhize ecweba izinyembezi.

Le ndaba ikhulunyelwa phansi emphakathini, akekho ophumela obala ngokuthi bekwenzekeni.

Ithimba lesolezwe lithwale kanzima liphonswa imibuzo ngokuthi lizwe kanjani ngale ndawo yokucima ukoma enganakekile.

Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa uvele enkantolo izolo, nophenyo lusaqhubeka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.