isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Basola indodana ngokusha komndeni


NO MHLONGO3

INLSA

ASADUMELE amalungu omndeni kamufi okungoNkk Dumisile Mhlongo kwesobunxele noMnuz Mphindeni Mhlongo ngesigameko sokushona kukadadewabo uNksz Masisi Mhlongo nezingane kube kukhona umuntu ekhaya. Isithombe: BONGANI MBATHA

MLUNGISI GUMEDE

Ebika eseMbitane KwaMaphumulo

UMNDENI usola indodana esehlakalweni sokushiswa komuzi wakubo okushone kuso unina wayo omdala nabashana bayo ababili esigodini eMbitane, KwaMaphumulo.

UNksz Masisi Gabi Mhlongo (50) nabazukulu bakhe ababili u-Fanelesibonge Ntuli (6) no-Amahle Nxumalo (5) bashe bangqongqa ngesikhathi kusha indlu abebekuyo ngoMsombuluko emini. Amanye amalungu omndeni anuka indodana kadadewabo omncane kamufi engeke ize idalulwe ngalesi sehlakalo.

Lona wesilisa oneminyaka engu-28 ofunda eNyuvesi yasoNgoye kuthiwa nguyena kuphela obekhona ekhaya ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Kuthiwa utshele omakhelwane abebezocisha umlilo ukuthi yena ubelele akazange ezwe ngesikhathi kusha indlu yakubo.

NO MHLONGO2

IWONA umuzi waKwaMhlongo eMbitane KwaMaphumulo okushe kwangqongq udade umama nezingane zakhe zishiswa umlilo ,amaphoyisa ebesenza uphemyo ISITHOMBE BONGANI MBATHA

Inkulumo yakhe ibe nokushayisana ngoba kuthiwa uphinde wathi nguyena ozame ukuvula isicabha ngesikhathi kusha indlu wabe esehanguleka.

Kodwa omakhelwane bathi bona bafike isicabha sendlu ebisha sivalilwe yibona abasivulile ngesikhathi bezama ukucima umlilo.

Kuthiwa le nsizwa iphinde yathi umlilo udalwe wukuqhuma kwe-gas endlini kodwa leyo-gas ekhuluma ngayo itholwe ingenalutho kubonakala ukuthi ayingazange ishe.

Udadewabo kamufi kodwa ongathandanga ukuthi adalulwe ngoba esaba ukuthi kuzoxoveka umndeni uthe ayikho indaba yokuthi laba abashonile baqhunyelwe yi-gas.

Uthe lo mlilo ushiswe umuntu thizeni abangakatholi ukuthi ubani.

Leli lungu lomndeni liphinde laveza ukuthi lona abamsolayo kulokhu ubengahoshelani nomufi uNksz Mhlongo.

NO MHLONGO1

UNKSZ Masisi Mhlongo (50) nabazukulu bakhe o- Amahle Nxumalo (5) no Fanelesibonge Ntuli (6) bangqongqiswe wumlilo bevaleleke endlini okuyisehlakalo esishiye umndeni wabo uthuthumela amanye amalungu awo esola indodana ezalwa ngudadewabo kaNksz Mhlongo okwenzeke lesi sigameko ikhona nayo ekhaya

Group

“Uke wasabisa ngokuthi uzombulala udadewethu ngo-Novemba ngonyaka odlule waze wamxosha ekhaya wayohlala komakhelwane. Samtshela ukuthi ngeke akwazi ukumxosha udadewethu emzini kababa kodwa nguyena okumele ahambe ngoba akusikhona kubo lapha,” lisho kanje.

Umakhelwane uNksz Buyenzeni Ngcobo uthe bafike vele laba abathathu sebeshonile.

“Thina sifike indlu isasha kodwa abebephakathi sebeshonile sazama ukucima umlilo sahluleka ngoba amanzi awekho endaweni, besiwakha emfuleni,” usho kanje.

UNksz Ngcobo uthe indlu ize yacishwa yizicimamlimo ebezisuka eStanger.

Ikhansela lendawo uMnuz Phendukani Ngcamu naye uhambe emagameni abanye wathi ayikho indaba yokuqhuma kwe-gas.

“I-gas eqhumile iyabonakala kodwa lena kubukeka sengathi umlilo awuzange uyithinte,” usho kanje.

UNgcamu uthe ngesikhathi ephuthumisa umsolwa esibhedlela izolo ngemuva kwesehlakalo umtshele ukuthi yena ubezilalele akazange ezwe lutho ngesikhathi kusha indlu.

“Okunye angitshele kona wukuthi ubone umufi ecanda ukhuni wazigenca unyawo wabe eseyongena endlini eyofudumezela izingane ukudla esitofini se-gas kanti sizomqhumela bashe endlini,” kusho uNgcamu.

Umfowabo kamufi uMnuz Mphindeni Mhlongo uthe sekungokwesithathu kusha indlu kubo.

Uthe esigamekweni sesibili kwashona ingane yakwamakhelwane ngesikhathi kusha indlu kungekho muntu abadala beye emlindelweni komunye umuzi.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa afice inqwaba yegazi endlini.

Uthe ngeke akwazi ukuqinisekisa ukuthi kwenzekeni. UZwane uthe baphenya icala lokushisa.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
MAKHITLE
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 40.
View Profile
migra77
I'm a 34 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 100.
View Profile
BRIGOZ
I'm a 30 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 30.
View Profile
IOL - dating
Sanddunes007
I'm a 35 year old woman looking to meet men between the ages of 37 and 50.
View Profile
IOL - dating
NYG
I'm a 35 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 45.
View Profile
IOL - dating
Ltja
I'm a 38 year old man looking to meet women between the ages of 26 and 35.
View Profile