.
UMNUZ Mzwandile Hlengwa ukhathazekile ngomfowabo onyamalale emuva kokuthathwa ngabantu ngendluzula bemsola ngokubaqola imali. Isithombe: BONGANI MBATHA
LUNGI LANGA
BASOLA ukuthi ubulewe owesilisa wasePhilani eduze kwaseMlazi eThekwini okuthiwa uthunjwe ngamadoda abefuna ngo dli imali okuthiwa wayekade ebaqole yona.
Umndeni kaKhumbulani Hlengwa (23) owaziwa ngelika “Komidi” onyamalale ngesonto eledlule emuva kokuthathwa ngesidlozana ngamadoda abefuna imali, usufisa ngisho ongabakhombisa ithuna afihlwe kulo ngoba usubona ukuthi kungenzeka ukuthi ubulewe ngoba amadoda amthatha ngomkhulu ushova ayaphika ukuthi amthumbile.
Umfowabo omdala, uMnuz Mzwandile Hlengwa (31), uthe sebeqala ukulahla ithemba ngoba kusukela ethathiwe ngoLwesihlanu oludlule akaze abathinte bonke ekhaya.
Uthe umfowabo wayevakashele abangani bakhe eMalukazi ngoba edinga ukushawa umoya emva kokushaywa ngamadoda ayethunywe ngumakhelwane wakhe.
“Ungumuntu ogangile, onolimi. bekufika abantu bathi ubaqole imali enkulu ngokubathembisa ukuthi uzobatholela umsebenzi. Ngesonto eledlule ushaywe abantu abebethunyelwe ngumakhelwane ngoba befuna abuyise imali engu-R500, iselula, nekhamera anikwa khona ukuze atholele umfowabo kamakhelwane umsebenzi.
“Bamshaye wabuya esibhedlela nakhoke esevakashela abangani bakhe eMalukazi kanti uzokwenzekelwa yinto efanayo,” kusho uHlengwa.
Uthe ngoMgqibelo utshelwe ngabangani bomfowabo ukuthi kufike amadoda amahlanu amcaphuna ngesihluku amshaya wanaba ethi afuna u-R2 000 awuthatha ngesikhathi ethembisa omunye wawo umsebenzi wagcina engamtholelanga.
“Bengilokhu ngizitshela ukuthi ngizombona engena emnyango noma efona engitshela ukuthi ukuphi kepha lokhu akwenzeki,” kusho uHlengwa.
Umngani kaKomidi uSiphiwe Zama uthe uwabuzile la madoda asolwa ngokumthumba ukuthi ukuphi athi wabaleka.
Uthe okubaxakayo wukuthi ubaleke kanjani ngoba ubesalimele onyaweni njengoba esanda kushaywa.
UHlengwa uthe bafisa sengathi bangambuyisa umfowabo noma babakhombise ukuthi bamshonisephi uma engasekho ngoba bona bayazi ngokuganga kwakhe.
Uthe kwaleli gama lika Komidi walithola ngoba eqole amalungu omphakathi ayelinyalelwe yizindlu ngo-2005 ngenxa yemvula. Kuthiwa wayengena umuzi nomuzi ethi uvela ekomidini elizobasiza wathi abakhiphe u-R20 umndeni ngamunye.
Lo mndeni usulibikile lolu daba emaphoyiseni aseSiphingo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services