Basulwe izinyembezi abakwaNciza

Comment on this story
NO_no ncinzaaaa.jpg0 INLSA KUTHUSE abaningi ukuvela kwezindaba zokuthi umculi weMafikizolo uNhlanhla Ncinza nomyeni wakhe uTK, babusiswe ngendodana ngemuva kokushonelwa indodakazi yabo engozini yemoto ngo 2009

NOKUBONGWA PHENYANE

UHLULEKA nawukuzibamba yinjabulo uThembinkosi Nciza ongumphathi we-TS Records oshade noNhlanhla ngemuva kokubusiswa ngendodana.

Lo mndeni uke wabhekana nesikhathi esinzima ngesikhathi kudlula emhlabeni indodakazi yawo eneminyaka emihlanu uZinathi.

NgoLwesithathu laba bashadikazi babusiswe ngendodana uLuvuyo okumangaze abaningi ngoba izindaba zokukhulelwa kukaNhlanhla beziyimfihlo yomndeni.

Ekhuluma neSolezwe uTK izolo, uthe bajabule kakhulu ngalokhu yize kuyizindaba zomndeni lezi abangathandi ukukhuluma ngazo kakhulu.

“Sijabule kakhulu kodwa okwamanje angikathandi kukhulunywe ngalezi zindaba esisazigcine emndenini wethu.

“Sithanda ukubonga bonke abantu ababe nathi ngesikhathi sibhekene nobunzima futhi abanye basithandazisa.

“Mayelana nalezi zindaba ngicela ukuphinde ngikuthinte emizuzwini elishumi,” kusho uNciza.

Lo mndeni ubusiswa ngendodana nje washonelwa yingane yawo yentombazane engozini yemoto ngo-2009.

Elinye lamaphephandaba aphuma ngeSonto libike ukuthi labo saziwayo bebengafuni ukuthi lolu daba lwaziwe ngenxa yezigameko ezibavelele phambilini.

Lokhu kuthiwa kwenze bakwazi ukubhekana nesikhathi sokujabula njengoba bebelindele ingane yabo.

Kuthiwa uNhlanhla bekuyisifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga abuye athole ukujabula ngemuva kwezinsuku ezinzima.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.