Basuse uthuthuva bekhala ngezindlu

Comment on this story
no marainridge4 INLSA IYAQHUBEKA inxushunxushu yomphakathi waseMariannridge nosekubange ukuthi abafundi bakule ndawo bangalubhadi esikoleni.

BONISWA MOHALE

KUPHAZAMISEKE ukuhamba kwezimoto kwakhishwa nezingane esikoleni ngesikhathi umphakathi waseMariannridge uvuka umbhejazane ujikijela izimoto ngamatshe uzwakalisa ilaka lawo ngokungakhelwa izindlu zomxhaso.

Abantu abasebenzisa umgwaqo omkhulu odlula kuleya ndawo uMilky Way bebengakwazi ukuya emsebenzini njengoba bekushiswa amathayi kushaywa ngisho nezimoto zamaphoyisa abezoqapha isimo.

Umphakathi waseMariannridge uqale ukubhikishela izindlu ngoJulayi 5 kanti usola ikhansela lakuleya ndawo ngokuthanda abantu baseThornwood okuyilokishi elingumakhelwane wakuleya ndawo.

UNksz Hazel July obekhulumela umphakathi izolo uthe bakhathele yimihlangano engaphumi nezimpendulo ezicacile.

“Ngesonto eledlule ikhansela nezikhulu zikaMasipala weTheku basitshela ukuthi zizobhekisiswa izikhalo zethu bese bebuyela kithina. Basitshela ukuthi sinawo umhlaba kodwa kusadi-ngidwa indaba yokuthi sizozakhelwa kuphi izindlu. Le nto abaqala ukuyisho ngonyaka odlule sesikhathele wukuzwa ngayo,” kusho uNksz July.

no marainridge2 BEKUNJE emgwaqweni eMariannridge kukanise amaphoyisa ezoqapha isimo kulandela inxushunxushu edale ukuthi kuphazamiseke nabafundi. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI INLSA

Amazwi akhe enanelwe nguNksz Wendy van Wyk othe ikhansela libathembisa into engekho futhi sebekhathele wukuya emihlanganweni engathi shu.

Uthe abantu babona kungcono ukuthi bavale umgwaqo omkhulu ukuze abantu baseDassenhoek, Thornwood naseMpola okuyibona abanakiwe bangadluli.

“Sifuna basilethele ucwaningo lwabo olushoyo ukuthi umhlaba okhona ukulungele yini ukwakhiwa kwezindlu, nokuthi kuzokwakhiwa izindlu ezinjani hhayi lo msangano owenzekayo njengamanje ukuthi silokhu siphindelwa into eyodwa. Simpintshene emafulethini sihlala siyimindeni engu-18 efulethini elinamakamelo amabili. Akuyona impilo leyo,” kusho uNksz van Wyk.

Ngesikhathi ekhuluma nezintatheli amalungu omphakathi abemi izixongololo amanye eviva ngamatshe njengoba ebesanda kushisa amathayi.

Bekutshalwe inqwaba yamaphoyisa kule ndawo.

Amaphoyisa abehlome ngezibhamu ezikhipha izinhlamvu zenjoloba kanti izikhulu zakwaMasipala ebezizoba nomhlangano nomphakathi azikwazanga ukungena elokishini kodwa ziye zakhuluma nabantu emgwaqweni.

no marainridge3 IYAQHUBEKA inxushunxushu yomphakathi waseMariannridge nosekubange ukuthi abafundi bakule ndawo bangalubhadi esikoleni. INLSA

Ikhansela lendawo uMnuz Mduduzi Gumede uthe bazamile ukukhuluma nabantu babacela ukuba behlise umoya wathi kuzoba nomhlangano ngoLwesihlanu ngo-10 ukulungisa lolu daba.

Uthe namhlanje izingane zizoya esikoleni kanti nezimoto ngeke ziphazamiseke emgwaqweni obuvinjwe ababhikishi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.