INLSA
Phumzile Ngongoma
UNGAZIBUKA uzidelele izintokazi eziyisithupha uma zingakakhulumi lutho kuwe ngoba uzitshela ukuthi zigabe ngobuhle nje kuphela.
Lezi zintokazi ziphezu komkhankaso wokusiza izingane zamantombazane ukuthi zizimisele empilweni.
ONksz Snenhlanhla Magwaza (23), Nksz Phumzile Ngongoma (22), Nksz Zandile Mthembu (22), Nksz Thembi Mazibuko (26), Samke Nxumalo (19), noNksz Mbali Tshabalala (20) benkampani yemicimbi iLady-Like Designs abafikanga lapho bekhona ngobuhle kuphela futhi abayisungulelanga ukuzicebisa kuphela inkampani yabo kodwa bathi ukukhula kubafundise lukhulu.
Babona ukuthi akulungile ukuyeka izintokazi ezisencane zilahlekelwe yithuba lokuphumelela empilweni ngenxa yokungatholi ukwesekwa okufanele kulabo abadala nasebeyihambile indlela abayihambayo.
Yingakho seziqale umkhankaso wokucija amantombazane kwezamabhizinisi nasempilweni nje iyonke.
UNksz Mthembu uthi iningi lezingane ezisakhula alicabangi ngekusasa lazo.
IZINTOKAZI zenkampani esafufusa iLADY-LIKE DESIGN zifuna ukusiza intsha yesifazane. Esithombeni nguNksz Snenhlanhla Magwaza, Nksz Phumzile Ngongoma, Nksz Zandile Mthembu, Nksz Thembi Mazibuko noNksz Mbali Tshabalala. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU
INLSA
“Abantu abasha bavame ukuthi baphilele imanje banganaki ukuthi kusekude lapho belibangise khona. Kubuhlungu ukubona umuntu omusha ekhulelwe esafunda isikole noma enza izinto ezingasile angaziboni ukuthi zizomumoshela ikusasa,” kusho uNksz Mthembu.
Ekupheleni kukaFebhuwari kulo nyaka bazovula amakilasi lapho bezocija khona izingane zamantombazane ngebhizinisi nokuziphatha.
UNksz Mthembu uthe leli cebo liqhamuke noNksz Ngongoma okunguye umphathi wale nkampani eyasungulwa ngemuva kokuzibuza ukuthi yini abangayenza njengenkampani encane ukusiza umphakathi.
Ngenxa yokuthatheka kwezingane zamantombazane zisencane babone ukuthi baqale ngezingane ezineminyaka esuka kwengu-11.
Uthe abantu abasha kabanaki ukuthi yimaphi amathalente abanawo, bajaha ukufuna umsebenzi emahhovisi bakhohlwe wukuzihlola bona babheke ukuthi yini abangayenza ngezabo izandla.
Lama kilasi azosiza intsha eningi ukuthi izibone ukuthi kuningi engagcina izenzele kona.
Lo mkhankaso welama loyo abawuqale kuwo lo nyaka, wokunikelela izingane zesikole ezihlwempu ngezinsizakufunda nomfaniswano wesikole.
“Sibone kungaba yinto enhle ukuthi sisize izingane ezisafunda. Nathi sikhule sibona ukuhlupheka izingane ezikhula phansi kwako, ezinye zisuke zingenazo ngisho nezicathulo zesikole,” kuqhuba uNksz Mthembu.
Kulo nyaka baqale ngezikole ezine, isifiso sabo wukunyusa isibalo ngokuqhubeka kweminyaka nokukhula kwenkampani.
Azivelanga zanenkampani lezi zintokazi, zaqala ngokumodela zase zibona ukuthi azifuni ukugcina lapho kuphela kepha zifisa okungaphezu kwakho.
Lokho kuholele ekutheni ziqale ukufunda ngokwenza izikhangisi nezinye izinto ezihambisana nemicimbi ebezimodela kuyo.
Uma uNksz Mthembu echaza ngezingqinamba ababhekana nazo uvele wamoyizela kancane wathi kuvame ukuthi abantu babathathe kancane ngenxa yokuthi bangamantombazane asemancane nabukekayo.
Uthi abanye baze bazitshele ukuthi lokhu abasuke bekucelela izingane bakufunela bona. Kodwa bayathembisa ukuthi bazokwenza lukhulu kulo mkhakha futhi kabazele ukuzofeza izidingo zabo kuphela kodwa izinhliziyo zabo zilangazelele ukusiza intsha.
|
|
Services