Advertisement
logoSections

Bathembisa lukhulu abayofunda eCuba

INTATHELI YESOLEZWE

KUBE nomunyu ngesikhathi kuvaleliswa abafundi abangu-331 baKwaZulu-Natal abayokwenza iziqu zobudokotela eCuba obekuthiwa ndlelanhle kubo esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International izolo.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uDkt Zweli Mkhize, ubencokola noyise kaSnenhlanhla Mkhize oyokwenza izifundo zobudokotela eCuba, uMnuz Nkosiyakhe Mkhize. Ngemuva kukaMnuz Mkhize, ngumkakhe uNkk Ncanyana Mkhize naye obephelezele indodakazi. Credit: INLSA

Abafundi abebehamba bayingxenye yohlelo oluyisivumelwano phakathi kukahulumeni wakuleli nowaseCuba wokubambisana ekuthuthukiseni amakhono kwezokwelapha ukuze kuqeqeshwe abazoba ngodokotela ezindaweni zasemakhaya.

Nakuba iCuba ibhekene nonswinyo lweminyaka oluvela e-USA kodwa ezokwelapha kuleliya lizwe zisezingeni elamukelekayo emhlabeni kanti ngokwenhla-ngano yezobunhloli iminyaka yokuphila elindelekile ezakhamizini zakuleliya lizwe yiminyaka engu-77.

Omunye wabebeyingxenye yalolu hambo nguSnenhlanhla Mkhize (18) obephelezelwa nguyise onokukhubazeka, uMnuz Nkosiyakhe Mkhize, nonina uNkk Ncanyana Mkhize.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi ngiyofunda. Yithuba abazali bami abebengeke bakwazi ukunginika lona. Ngifuna ukusebenza kanzima. Ngifuna bonke ongqongqoshe bangibize ngeqhawe uma sengibuya,” kusho uSnenhlanhla.

Abazali bakhe bahambe ibanga elide naye bemphelezele besuka KwaNtunjambili ngaseKranskop bemlethe esikhumulweni sezindida ukuzomvalelisa.

“Ngiyazihluphekela, kunzima ngisho ukutholela abantwana bami okuya ngasethunjini bengingayithathaphi-ke imali yokumthumela enyuvesi,” kusho uMkhize obechaza ngendlela asizakale ngayo ngendodakazi yakhe.

Uthe wethemba ukuthi indodakazi uma izimiselile iyobuya nemiyezane ukuze izosiza izingane zakubo ezintathu ukuthi nazo ziqhubeke nemfundo.

USnenhlanhla uthe batshelwe ukuthi bangakwazi kuphela ukubuyela ekhaya uma kunesifo emndenini. Kwabaningi abebevaleliswa, ukugibela ibhanoyi belibhekise kwelaseCuba kuzobe kuyinto yokuqala empilweni yabo njengoba iningi lingakaze lingene kulona selokhu kwathi nhlo.

Omunye ohambayo nguSanele Sibiya waseMatimatolo, eGreytown othe wayengakaze aphuphe ngisho elele ukuthi endlini yakubo engurawondi esindala ngelinye ilanga kungaphuma udokotela.

Izolo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Zweli Mkhize, obeyingxenye yabebephelezele abafundi, uthe bangalokothi bathatheke phambili bese bekhohlwa abahamba ngakho.

SHOW ALL
Advertisement