Bathi bajutshwe ukudlala i-draw

Comment on this story
no chad boy EMPICS Sport KWEHLE izinyembezi zenjabulo kuChad le Clos ngemuva kokuthi ewine i-200m Butterfly e-Aquatics Centre, eLondon, e-England ngoLwesibili ebusuku. Isithombe: AP

KUVELE ukuthi iqembu laseJapan ‘liyalelwe’ ukuthi lidlale ngokulingana ngesikhathi libambana ngo 0-0 neBanyana Banyana emdlalweni wokugcina kaGroup F kuma-Olympics aseLondon.

Imibiko yayizolo icaphune omunye umdlali weJapan eveza ukuthi batsheliwe ukuthi abadlalele iphuzu ukuze bagcine beqede endaweni yesibili kuleli qoqo khona bengeke basuke eCardiff lapho bekudlalelwa khona.

“Umqeqeshi usitshele ukuthi ufuna siqhubeke nokuhlala eCardiff ngokuqeda endaweni yesibili eqoqweni lethu. Bengazi ukuthi bayayithola imininingwane ngobekuqhubeka komunye umdlalo phakathi kweSweden neCanada,” kusho umdlali walabo mpetha bomhlaba, u-Azusa Iwashimizu.

Komunye umdlalo bekubhekene iSweden ebambane ngo 2-2 neCanada, okusho ukuthi iJapan izodlala neBrazil eqede endaweni yesibili kuGroup E kuma-quarterfinal kusasa.

Ngasohlangothini lweBanyana umqeqeshi uJoseph Mkhonza uthe imidlalo yama-Olympics ibanikeze ithuba lokufunda.

“Lokhu kubeka ikusasa lethu endaweni enhle. Ukudlala kuma-Olympics kuyingqophamlando.

“Baningi abadlali bebhola abafisayo ukufika kuwona kodwa bambalwa abathola lelo thuba,” kusho uMkhonza okulindeleke ukuthi batheleke kuleli namuhla ekuseni.

Umdlali wasesiswini uKylie-Ann Louw uthe basebenze kanzima ukufika kuma-Olympics njengoba bebefuna ukuziveza ukuthi bangabhekana namaqembu asezingeni eliphezulu.

* Khonamanjalo izolo uChad le Clos ubematasa njengoba ebehlungela ukungena kuma-semi final e-200m medley agcine engene kuwona ngokuqopha u-1.59.45.

Lo mbhukudi ugile izimanga ewina indondo yegolide eshiya uMichael Phelps ku-200m butterfly ngoLwesibili ebusuku.

Imidlalo yokuhlungela owamanqamu we-200m medley ibisebusuku izolo kanti uma ephumelele kungenzeka namuhla ebusuku aphinde abhekane noPhelps.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.