Bathuka izanya ngenxa yentsha edlwengula izalukazi

Comment on this story
NO SWAYIMANE3 . IKHANSELA laKwaSwayimane, Odlameni uMnuz Mduduzi Goba (kwesokunxele) neMeya yaseMshwathi, uMnuz Marshal Gwala, emuva komhlangano abawubambe nomphakathi ehholo lomphakathi emva kokudlwengulwa kwezalukazi ezimbili kule ndawo muva nje. Isithombe: BONGANI MBATHA

LUNGI LANGA

KUKHALWA ngamathaveni athe chithi saka nokuphuzwa ngokweqile kotshwala KwaSwayimane okuthiwa kunomthelela ezigamekweni zakamuva zokudlwengulwa kwabantu abadala. Umphakathi walapha uthi utshwala nezinye izidakamizwa ezibhenywayo ezisetshenziswa yintsha ikakhulukazi insangu yikhona okuholela ekunukubezweni kwabantu abadala nabesifazane kule ndawo.

Lo mphakathi ubesematheni emuva kokudlwengulwa kukagogo ona-94 ngesonto eledlule kanye nomunye ona-84 ngoMgqibelo.

Kepha lezi zigameko akuzona zodwa ezisaxake lo mphakathi, kunezinye zokubulawa kwabantu.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Mduduzi Goba, lithi ngendlela amathaveni amaningi ngayo naye uyehluleka ngisho ukuwabala. Uthe bacabanga nokuthi bashaye umthetho wewashi ukuze abantu babe semakhaya ngezikhathi ezithile.

“Abantu bangabona lezi zigameko ezimbili zokudlwengulwa kogogo ezisasixakile kepha abazi ukuthi kusenezinye zokudlwengulwa nokubulawa kwabantu kule ndawo. Sididekile kakhulu futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani,” kusho uGoba.

Uchaze ngezinye izigameko zokubulawa kwabesifazane ezisanda kwenzeka ezingabikwanga njengalezi zogogo abadlwenguliwe.

Kuthiwa emasontweni amabili edlule kutholakale isidumbu sentombazane ena-15 ebifunda esikoleni iMasijabule High. Kuthiwa le ntombazane yadlwengulwa yanqunywa ikhanda.

Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kutholakale ikhanda lowesifazane (23) elavukuzwa yizinja ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala isidumbu sakhe.

UGoba uthe eminyakeni emibili edlule kutholakale isidumbu sikagogo owayedlwenguliwe wagwazwa endlini yakhe.

“Lezi zigameko zisenza sidume kabi njengomphakathi futhi kwenza nathi sizizwe singaphephile,” kusho uGoba.

Ukhuluma nje ngoLwesibili babe nomhlangano namalungu omphakathi lapho kubhungwe ngezinkinga zokudlwengulwa nokubulawa kwabantu.

Amalungu omphakathi athe asethuka izanya ngenxa yokwanda kwalezi zigameko.

UNkk Tholakele Vidima (57) uthe yizidakamizwa ezingenza ukuthi umuntu azithole esedlwengula isalukazi esidala.

“Sesinovalo ngoba sesiyabona ukuthi akusadlwengulwa abasha kuphela kepha nabantu abadala. Kuyacaca ukuthi lokhu sekwenziwa ukusetshenziswa kwewunga, akusahambi kodwa,” kusho uNkk Vidima.

Ikhansela lakule ndawo uMnuz Mduduzi Goba uthe namanje basathukile.

UMnuz Mandlenkosi Mnduna (43) uthe basola ukusheshe kudedelwe iziboshwa ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwabantu.

Uthe isiteshi samaphoyisa abasisebenzisayo sikude ngama-khilomitha angu-16 kubo.

“Ukuba kude kwesiteshi akukona okuyinkinga kepha inkinga ukudedelwa kwabantu abasolwa ngokwenza ubugebengu. Ngisho angaboshwa umuntu kusa esededeliwe,” kusho uMnduna.

Uthe sebezamile ukukhala ngesiteshi samaphoyisa kepha kuyazifanela.

Lokhu kufakazelwe uGoba othe ngisho amalungu omphakathi ebambe umuntu amyisa esiteshini samaphoyisa kuyazifanela ngoba uvele adedelwe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.