Bavelile abasolwa ecaleni lika-Anene

Comment on this story
no Copy of ct Bredasdorp Court 6784 INLSA PHAKATHI kwabantu abebebhikisha ngaphandle kwenkantolo yemantshi yaseBredasdorp, eKapa, izolo bekukhona noNgqongqoshe woMnyango waBesifazane, iZingane nabaPhila ngokuKhubazeka uNkk Lulu Xingwana. Kule nkantolo bekuvela amadoda asolwa ngokudlwengula aphinde abulala intombazane u-Anene Booysens. Isithombe: Jeffrey Abrahams

INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOSHE woMnyango waBesifazane, izingane nabaphila ngokukhubazeka uNkk Lulu Xingwana ubeyingxenye yemashi ebibheke enkantolo yeMantshi yaseBredasdorp, eKapa, lapho bekuvela khona amadoda asolwa ngokudlwengula aphinde abulale intombazane u-Anene Booysens (17).

UNkk Xingwana uthe abadlwenguli kufanele bajeziswe kanzima ukuze bawuyeke lo mkhuba.

Ukudlwengulwa kuka-Anene kususe omkhulu umsindo kwazise kusolakala ukuthi wadlwengulwa ngamadoda amane, amsika nesitho sangasese ngaphambi kokumbulala.

Izolo amalungu e-ANCYL, DA nezinye izinhlangano ahlanganyele kule ndawo amasha elibhekise enkantolo yeMantshi yaseBredasdorp.

Abasolwa ngokubulala u-Anene oMnuz Jonathan Davids (22) noJohannes Kana (21) bavelile enkantolo kanti ngaphandle umbhikisho ubuqhubeka.

no Copy of ct Bredasdorp accused 6975 OMNUZ Jonathan Davids noJohannes Kana bebezivale ubuso ngisho ngaphakathi enkantolo yemantshi eBredasdorp, eKapa, ngesikhathi bevele ngecala lokudlwengula nokubulala u-Anene Booysen. Izithombe: Jeffrey Abrahams INLSA

Bekugcwele amaphoyisa enkantolo kuvalwe nangocingo oluhlabayo umgwaqo omkhulu.

Isimo sesibuyele kwesejwayelekile edolobheni laseBredasdorp lapho kusanda kudlwengulwa khona le ntombazane.

Ngokusho kwezintatheli bekuphithizela eBredasdorp ngesonto elidlule emuva kokudlwengulwa kuka-Anene kodwa izolo isimo besesibuyele kwesejwayelekile.

U-Anene wadlwengulwa ngabafana abane ngoFebhuwari 1, esendleleni ebheke ekhaya emuva kokuzikhipha nabangani.

Isidumbu sakhe satholwa bude buduze nendlu yomxhaso abehlala kuyo sisikwe ubuntu bakhe. Kuthiwa ngesonto eledlule indawo yokulala ibingekho kuleli dolobha elincane kangangoba ezinye izintatheli zize zaphoqeleka ukuthi zilale edolobheni elingumakhelwane i-Napier.

Kuthiwa abantu babeke isiphambano nezimbali endaweni yesehlakalo kanti izingane ezincane bezibonakala zimi eduze kwakhona.

Abesifazane bathe sebeyasaba ukuhamba ebusuku manje.

Kulindeleke ukuthi abasolwa babuyele enkantolo ngoFebhuwari 26 lapho bezofaka isicelo sebheyili.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.