ZANELE MTHETHWA
S ISHUBILE isimo emphakathini waseziNcingweni KwaNongoma lapho kuboshwe khona abathathu ngezinsolo zokubulala uNkk Thoko Mthethwa (57), owadutshulwa emzini wakhe kuhlukaniswa isitokofela ngoDisemba nyakenye.
Kwababoshiwe, abanqatshelwe nebheyili enkantolo yeMantshi kaNongoma izolo, kubalwa noNkk Sihle Nkwanyana obedlala isitokofela nomufi. Umufi okuthiwa enye imali ibihlala kuye, wabulawa ngoDisemba 5 kuhlangene kwakhe wonke amalungu esitokofela kuzohlukaniswa imali yokuyothenga ukudla.
Kuthiwa ilinganiselwa ku-R80 000 imali eyathathwa kulesi sigameko.
Izolo inkantolo yenqabele ibheyili uNkk Nkwanyana, uMnuz Mduduzi Luthuli (33) noMnuz Simiso Ndebele (32). UNksz Zama Mthethwa (36) , oyindodakazi kamufi uthi kusenzima ukukhohlwa isigameko.
Kuthiwa uLuthuli ubeshayela amatekisi khona kwaNongoma.
“Sekunesikhathi eside kudlalelwa isitokofela ekhaya. Kwakuwusuku lwesithathu lokuhlukanisa ngoba bekudlalwa izitokofela ezahlukene,” kuchaza uNksz Mthethwa.
Uthe selokhu kwaqala isitokofela imali ibihlala kumalungu ehlukene, enye ihlala kunina.
Ngosuku lwesigameko uthi babehleli kwenye indlu bebona abesilisa ababili bengena befulathele esangweni.
“Asinakanga ngoba kujwayele ukufika abantu uma kuhlukaniswa. Bangena baqonda la kuhlukaniswa khona, sezwa sekuqhuma isibhamu. Bathatha yonke imali ephezu kombhede, u-R33 000 owawusubaliwe uphansi komcamelo, nenye eyayisezikhwameni. Kuyacaca ukuthi base betsheliwe ukuthi ikuphi yonke imali,” usho kanje.
Uthe unina ubengasebenzi kodwa ubeziphilisa ngazo izitokofela nemali yesondlo sendodana yakhe (19), ekhubazekile. Kuthiwa uNkk Nkwanyana wayekhona ngesikhathi kuhlasela abasolwa.
Izolo inkantolo yenqabele abasolwa ibheyili phezu kombandela wokuthi kusalindwe imiphumela yophenyo lwesibhamu namaselula aphucwa umsolwa wesibili. Icala lizobuyela enkantolo ngoFebhuwari 16. UBrigadier Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa, uthe abasolwa babhekene necala lokubulala, elokuphanga nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Uthe abasolwa badubula esifubeni uNkk Mthethwa. Amanye amalungu esitokofela azama ukubajaha kwagcina kubanjwe umsolwa oyedwa owayephethe imali. Omunye waboshwa ngoDisemba 8 kwaHolinyoka nesibhamu esingekho emthethweni.