Bawu-1 200 abafe ezingozini

Comment on this story
no acci-2013 ER24 INGOZI ehlasimulisa umzimba okushone kuyo abantu ababili emahoreni ambalwa kuqalwe unyaka omusha eMountain Rise eMgungundlovu. Isithombe: ER24

NONTUTHUKO NGUBANE

BAFA ngobuningi abantu bakuleli ezingozini zomgwaqo. Isibalo sesifike kwabangu-1 200 abashone emgwaqweni selokhu kuqalwe amaholidi kaDisemba.

I-Road Traffic Management Corporation (RTMC) ngoMsombuluko iveze ukuthi isibalo sabashonile sesifinyelele kwabawu-1 200.

Okhulumela i-RTMC, uMnuz Ashref Ismail, uthe bangu-1 207 abantu ababulawe yizingozi zomgwaqo ezingu-1 006.

Ingozi esanda kwenzeka yenzeke eMountain Rise, eMgungundlovu, lapho kushone khona ababili ngaphambi kwamahora ambalwa kungeniwe onyakeni omusha izolo.

Ingozi yenzeke ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili, kushona abantu ababili, kulimala kanzima abathathu. Kuthiwa kubonwa ngokusa kubona esibhedlela esiseMgungundlovu.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo i-ER24, ingozi yenzeke ngo--2.30 kuManning Road.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uMnuz Derrick Banks, uthe bafike selidume ladlula.

“Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko, izimoto ezimbili ezincane bezilimele kakhulu zimi phakathi nomgwaqo. Ababili bebevaleleke ngaphakathi, kwenye imoto abebephakathi bese belimele ngokweqile baze baphangalalela khona endaweni yesigameko,” kusho uBanks.

Abathathu abebehamba ngenye imoto balimale kanzima basikeka emhlane nangasemuva baphinde basikeka kwamanye amalunga omzimba. Kusolakala ukuthi kukhona namathambo aphukile.

Kuze kwadingeka ukuba befakwe emshinini wokulekelela ukuthi baphefumule ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe esibhedlela.

Amaphoyisa athe asaphenya ngembangela yale ngozi.

Imizamo yokuthola amagama abashonile ibhuntshile ngoba kukhona amalungu omndeni abengakaziswa ngesigameko.

Ngokuthola kweSolezwe ngelinye lamaphoyisa afike kulesi sigameko kodwa elingagunyaziwe ukuphawula, kunezinsolo zokuthi bebephuma ezindaweni zobumnandi ukuyogubha ukuqala konyaka omusha.

Lesi sibalo esiphezulu sabashona emgwaqeni besingakahlukaniswa ngezifundazwe ukuthola esihamba phambili.

“Kuzobonakala uma sekubuyelwa ezikoleni ukuthi yisiphi isifundazwe esibe nezingozi eziningi,” kusho u-Ismail.

Kusukela ngoMsombuluko amaphoyisa abeqaphe ngeso lokhozi emgwaqweni ikakhulukazi eGoli njengoba abantu bebevakasha ezifundazweni ezahlukene.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.