Baxakwe indle emahhovisi abe-IFP KwaNongoma

Comment on this story

SIMPHIWE NDWANDWE

IPHUNGA lendle liphazamise ukusebenza emahhovisi eNkatha KwaNongoma, izolo njengoba abasebenzi bakuleli hhovisi bezithele phezu kwenkunzimalanga yedede ngaphakathi bezoqala ukusebenza.

Imithombo emibili engamalungu aleli qembu ecele ukuthi ingashiwo ngoba ingagunyaziwe ukuphawula ngalolu daba ikuqinisekisile ukuthi abasebenzi bazithele phezu kwendle kwanzima ngisho ukwenza imisebenzi yabo.

Akucaci ukuthi umuntu ozikhulule ngaphakathi ungene kanjani kodwa umthombo uthe usola ukuthi ngumuntu onesikhiye sakhe esiseceleni.

“Sithintwe ekuseni sitshelwa yintombazane esebenza ehhovisi ukuthi ake siphuthume sizobona nanku umhlola ezithele kuwo. Kuyacaca ukuthi yinto eyenziwe ngumuntu ngamakhulu amabomu ekhombisa ukudelela iqembu le-IFP. Kubuye kwaqubuka nezisu ezikhiphayo esingaqondi ukuthi zidalwe yini,” kusho leli khansela.

Ukungcola kugcine kulungiswe ngamantombazane asebenza ehhovisi ngoba bekufanele kube nomhlangano wobuholi nomhlangano wesiyingi obe usubambezeleka ngenxa yololu talatiya.

UNobhala we-IFP KwaNongoma, uMnuz Nhlanhla Mthembu, uthe behlelwe umuga kuleya ndawo.

“Ngokujwayelekile ngivuka ngiye ehhovisi ekuseni njengomuntu osebenzela khona. Ngithintwe umabhalane wehhovisi engitshela ukuthi kunomuntu oshiye indle ngaphakathi ngabe sengiphuthuma khona. Okungididayo ukuthi sibe nomhlangano ngoLwesibili ophele ngo-4 futhi umabhalane uqinisekisile ukuthi ukhiyile kodwa ekuseni ufike wavula ihhovisi likhiyiwe njengokujwayelekile wabe esezithela kule ndle igcwele phansi,” kusho uMthembu.

Uthe kuphazamisekile ukungena komhlangano wamakhansela eqembu ngenxa yokuthi bekusabatshazwa le nsambatheka.

Okhulumela i-IFP, uMnuz Joshua Mazibuko, uthe yena ukhulumela i-IFP kuzwelonke ngakho ngeke aze aphawule ngodaba olunjena kuhle kube yisiyingi esiziphawulelayo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.