SITHUNYELWE
OSOMABHIZINISI bazofunda lukhulu kuGreg Mason obheka okuqhubekayo emabhizinisini amancane bese eza nekhambi elizokwenza inzuzo. Isithombe: SITHUNYELWE
INTATHELI YESOLEZWE
BAZUZA lukhulu osomabhizinisi ohlelweni oluhlomisa osomabhizinisi abasathuthuka ngamakhono azobalethela inzuzo olubizwa ngeThe Business Coach.
Lolu hlelo oludlala ku-SABC 3 njalo ngeSonto ngo-4 ntambama lungena ebhizinisini lubheke okungahambi kahle bese umqeqeshi enza izincomo.
Ngokusho kwabakwa-SABC 3 lolu hlelo lwenzelwe ukusiza osomabhizinisi abancane ngoba ucwaningo lukhomba ukuthi kabasebenzi iminyaka edlula kwemithathu.
Umqeqeshi nguGreg Mason onesipiliyoni seminyaka engu-14 kwezamabhizinisi.
Umsebenzi kaGreg bekuwukushintsha indlela izinto eziqhutshwa ngayo ebhizinisini ukuze lenze inzuzo futhi lidale namathuba omsebenzi.
KUBALULEKILE ukuthi osomabhizinisi bafunde ukuzikhangisa ukuze ibhizinisi lenze inzuzo futhi kudalwe namathuba omsebenzi. Esithombeni nguThandi Tshabalala obhaka amakhekhe ewakhiqizayo eseWhite City, eSoweto. Isithombe: Timothy Bernard
Timothy Bernard
I-The Business Coach iqale ngeSonto (Julayi 1) kanti ineziqephu ezingu-13.
Kulezi ziqephu uGreg uzovakashela osomabhizinisi baseGoli, Cape Town naseThekwini.
Uthe uzofike atshele usomabhizinisi ukuthi yikuphi okusebenzayo nokuthi yikuphi okumele akushintshe.
Okuhle ngalolu hlelo wukuthi uGreg ucathulisa usomabhizinisi akamshiyi yedwa endleleni.
Esiqeshini sokuqala salolu hlelo uGreg ubehamba nosoma-bhizinisi obhaka amakhekhe, wamfundisa ukuzikhangisa ukuze athole amakhasimende, waphinde wamhambisa ezinkampanini ezahlukene lapho abeyokhangisa khona.
Lo somabhizinisi uthole amakhasimende amathathu kanti luphele uhlelo esesho ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ngeke asebenzele ekhaya kodwa uzodinga indawo enkulu ngoba ama-oda aseqalile ukungena.
Cishe wonke usomabhizinisi osathuthuka angafunda ngokubuka lolu hlelo ngoba yize lukhuluma ngezingqinamba zikasomabhizinisi osemkhakheni othile kodwa udaba lokuzikhangisa yinkinga ebhekene nawo wonke umuntu.
Lolu hlelo luxhaswe yibhange lakuleli i-Standard Bank.
UGreg ubuye wacela osomabhizinisi ukuba bangakhohlwa ukuphatha kahle amabhuku abo lapho bebhala khona imali ephumayo naleyo engenayo ebhizinisini.
Uthe isikhathi esiningi ukungaphathwa kahle kwezincwadi nokungabhalwa kwemikhiqizo edayiswayo yikhona okwenza osomabhizinisi abasathuthuka bangaphumeleli.
Ngokuhamba kwesikhathi kulindeleke ukuthi uGreg abheke ukuthi amabhizinisi akade ewavakashele aqhuba kanjani.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services