ABAZALI besilomo somculi wekwaito esishisa izikhotha kulezi zinsuku, uBabes Wodumo, bathi kabankinga nemidanso yendodakazi yabo nezikhindi ezincane ezigqokayo ngoba kuhambisana nomsebenzi ewenzayo.
Abazali bakaBabes, uyise uMbhishobhi Mbongeni Simelane (57) nonina uNkk Thokozile Simelane (50), bakusho lokhu bekhuluma naleli phephandaba ehhotela eligudle ulwandle eThekwini iBlue Waters izolo ntambama.
Bekunomcimbi omncane obekumenywe kuwo abomndeni nabangani wokugubha usuku lokuzalwa lukaNkk Simelane, othuke esefika ukuthi kanti umenyelwe ephathini yakhe njengoba ebefihleliwe.
Ephawula mayelana nokubenuza kukaBabes esiteji ekhindile, uMbhishobhi uthe, “Kufana nokumodela ngoba kunendlela yakhona yokugqoka. Nezintombi zoMhlanga zigqoka izigege zihambe ngamabele, akushiwo ukuthi zinqunu. Kungathiwani nje uma ziqhamuka zigqoke amajini? Kade ngibuka ama-gymnastics kuthelevishini, akukhali muntu ngendlela yokugqoka,” kusho uMbhishobhi Simelane.
“Uzodansa kanjani efake isiketi eside?” kubuza uNkk Simelane.
USimelane uthe unguMbhishobhi eMount Zion Bible Ministry aphinde abe ngumfundisi e-Apostolic Faith Mission.
UNkk Simelane yena unenkampani ephakela izikole iZibambele Catering.
Baneminyaka engu-27 beshadile kanti babusiswe ngezingane ezintathu, okunguNondumiso (26), uBabes (22) noKhumbulani (17).
“Umculo yinto yasekhaya ngoba osisi basemzini bathanda ukucula. Yinto nje yakwaSimelane kodwa besingazi ukuthi uzongena emculweni uBabes,” kusho uNkk Simelane.
UMbhishobhi uthe uBabes washo esakhula ukuthi uzoduma futhi wayethanda uLebo Mathosa.
“Uvele wathushuka nje singalindele (emculweni). Ubelibamba iqhaza ekuculeni esontweni njengengane yomfundisi ngoba akukho ongakwenzi esontweni. Bengihamba nabo ngisho ngishintsha amamishini,” kusho uSimelane.
Ngempelasonto elinye lamaphephandaba libike ukuthi kuna-bazalwane abakhala ngokuthi abasamazi uBabes esontweni.
“Angi-kwazi mina lokho njengobaba wakhe ngoba nokweshumi uyakukhokha. Uma futhi ngicela u-R100 uvele afake u-R5 000. Okweshumi uyakukhokha futhi nasesontweni uyeza.”
Uthe kuyena uBabes uyohlale eyingane noma ngabe umhlaba ubona esemdala.
“Nginovalo. Ngisho ngabe yikuphi lapho enandisa khona ngimfonela aze afike,” kusho uSimelane.
Yize bebaningi abesilisa abazifelayo ngoBabes, uMbhishobhi uthe akamjahile umkhwenyana.
“Uyashada noma akashadi, okwakhe lokho. Uma efuna ukuba yindela kuvumelekile esontweni. Angimjahile umkhwenyana kodwa uma efika angikhethile noma ngabe wumlungu noma yiNdiya. Ngiyashadisa futhi mina. Ngineminyaka engu-25 ngishadisa.”
Bachaze uBabes njengengane ebathandayo abantu noNkulunkulu ngoba ukhulele emndenini okholwayo.
UNkk Simelane uthe kumele agade imboni yezomculo ngoba kuningi asebekuzwile ngayo.
Uphethe ngokugqugquzela abazali ukuthi bazikhuthaze izingane zenze izinto ezifuna ukuzenza.
“Wonke umuntu unobizo lwakhe.”
UBabes uthe ubonga uNkulunkulu ngabazali bakhe nangokuthi usheshile ukuthandwa ngomculo wakhe.
“Abanye kubathatha isikhathi ukungena kodwa kimi kusheshile.”
Kule phathi bekukhona noMampintsha othe maduze nje uzodedela ingoma entsha kaBabes ezolandela iWololo ne-albhamu.