Advertisement
logoSections

Bayangabaza ngawakamasipala

SIMPHIWE NDWANDWE noLUNGI LANGA

UMASIPALA weTheku usunongabazane ngokuziphatha kwamaphoyisa angaphansi kwaleli dolobha kulandela uchungechunge lemibhikisho eyenziwa yila maphoyisa lapho kuvinjwa khona izimoto emgwaqweni.

AMAPHOYISA kamasipala abefuna ukungena ngodli eCity Hall ukuzwa izimpendulo ngezikhalo zawo izolo. Isithombe: PATRICK MTOLO. Credit: INLSA

Ikhuluma namaphoyisa izolo iMenenja yeTheku, uMnuz Sibusiso Sithole, ithe indlela amaphoyisa enza ngayo muva nje iyadumaza.

“Njengoba sihlela ukuqasha abantu ngokuphelele nje sinokuzibuza ukuthi ngabe sizoqasha abantu abazowenza ngendlela yini umsebenzi wabo. Ukuziphatha kahle nenhlonipho kubalulekile futhi silindele ukuthi amaphoyisa abe yisibonelo emphakathini.

Abathi bazoshisa iCity Hall kumele bazi ukuthi ngeke sikubekezelele lokho,” kusho uSithole.

Ngesikhathi uSithole esho lokhu kube nokuhhomuzela emaphoyiseni angaqashiwe ngokugcwele abegcwele ngaphandle kwehholo.

USithole utshele amaphoyisa ukuthi bazophoqa amaphoyisa ukuthi aziphathe ngendlela ethanda noma engathandi.

Mayelana nomphathi wamaphoyisa, uMnuz Eugene Nzama amanye amaphoyisa afuna axoshwe, uSithole uthe lo mphathi unamalungelo njengawo wonke umsebenzi ngakho kufanele kulandelwe imigudu futhi kubhekwe ukuthi okukhalwa ngakho kuyabambeka yini.

IMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo inxuse amaphoyisa ukuthi ababekezelele ngesikhathi besalandela imigudu efanele ezoholela ekutheni baqashwe bonke. Uthe bazinikeza isikhathi esiyizinyanga ezintathu ukuthi baqikelele ukuthi kushaya uDisemba 1 wonke amaphoyisa ayitoho angu 919 aqashwe ngokuphelele.

UNxumalo uthe akuwona kuphela amaphoyisa angaqashiwe ngokugcwele azobhekelelwa kulolu hlelo kodwa nabanye bakweminye iminyango abayitoho bazoqashwa ngokuphelele. Sebebonke abasebenza beyitoho kumasipala bangu-2 500.

Umhlangano wayizolo obewethanyelwe yiziphathimandla zikamasipala nezinyunyana ulandela umbhikisho wangoMsombuluko lapho kwama nse izimoto emgwaqweni osenkabeni yedolobha uPixley KaSeme lapho amaphoyisa esabisa ngokushisa iCity Hall.

Khona izolo kuphazamiseke emcimbini wokuhlonipha ngeziqu abadayisi basemgwaqweni abaphumelele ohlelweni lokuqeqeshwa lukamasipala weTheku ngesikhathi amaphoyisa efuna ukungena ngenkani ehholo.

Abashayeli bezimoto bezwakalisa ukukhathazeka ngokumiswa isikhathi eside emgwaqweni kuhlolwa izimoto zabo.

Amaphoyisa aphinde akwenza lokhu izolo evala umgwaqo uPixley KaSeme emisa izimoto etshela abashayeli ukuthi azihlola ukuthi zisesimeni yini.

Elinye iphoyisa ebelisesixukwini lithe kwenziwe lokhu emuva kokuzwa ukuthi umhlangano neziphathimandla zikamasipala uhlehliswe ngaphandle kokuthi abikelwe.

UMnuz Nhlanhla Nyandeni wenyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers Union (Samwu) unxuse ukuziphatha emaphoyiseni kamasipala.

“Kunendlela ethile yokuziphatha esingafuni ukuyigqugquzela. Sethembisa ukuthi sisazoba nemihlangano neziphathimandla zikamasipala ukulandela ukuthi lokhu okuthenjisiwe kuyenzeka yini,” kusho uNyandeni.

SHOW ALL
Advertisement