isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Bayaveva ngodutshulwe emngcwabeni


no Shot by cop

INLSA

Umufi uZama Javas Maphalala obehlala ekhaya lezintandane Inqaba Yokucasha eNanda okuthiwa udutshulwe ngamaphoyisa washona. Isithombe:Thokozani Ndlovu

MLUNGISI GUMEDE

BATHUKUTHELE bayaveva abangani bowesilisa oyintandane waseNqabeni eNanda okuthiwa udutshulwe ngamaphoyisa ngaphandle kwesizathu ngesikhathi esemngcwabeni womngani wakhe.

UZama “Javas” Maphalala (30), obehlala ekhaya lezintandane Inqaba Yokucasha, kuthiwa udutshulwe ngamaphoyisa oPhiko lwe-Public Order aseMariannhill ngesikhathi ehambele umngcwabo womngani wakhe obeyigintsa elidumile laseNanda uSandile “Mdlali” Ntombela ngempelasonto esiphuma kuyona.

Isolezwe izolo lihambele ekhaya lezintandane lapho bekuhlala khona uMaphalala lafica kukhanyiswe amakhendlela.

Owesifazane Isolezwe elikhulume naye uvumile ukuthi ungunina kamufi kodwa wenqaba ukuthwetshulwa izithombe.

UMaphalala kuthiwa udutshulwe amahlandla amane, izinhlamvu ezimbili zamshaya ekhanda kwathi ezinye zamshaya engalweni nasenhliziyweni. Ushonele endaweni yesehlakalo.

Baningi abantu abadubulekile abebehambele lo mngcwabo okubalwa kubo nowesifazane okhulelwe, nephoyisa ebelingumngani kaNtombela.

Kuthiwa amaphoyisa afika ekuseni kulo mngcwabo ezoqapha isimo njengoba ayebikeliwe ukuthi kuzobe kungcwatshwa “isigebengu” ebesitshontsha izimoto.

Kujwayelekile ukuthi uma kungcwatshwa “igintsa” kushaywe izidudla emgwaqweni uma selihlonishwa ngozakwabo.

Umngani kaMaphalala naye owayekhona emngcwabeni uMnuz Jeffery Mzobe uthe uMaphalala wayezimele ekhuluma nabangani bakhe ngesikhathi edutshulwa.

Uthe amaphoyisa aqala ukudubula ngesikhathi “olova” sebeqala ukushaya izidudla.

“Amaphoyisa awazange aye kubantu ababeshaya izidudla kodwa avele eza esexukwini esasinga-phandle komuzi wakubo kaNtombela athi abantu abakhiphe izibhamu abe aseyaqala ukubadubula,” usho kanje.

Uthe amaphoyisa abaleka ngemuva kokudubula abantu kodwa bakwazi ukuthatha izinombolo zemoto ayehamba ngayo.

UMzobe uthe bayalazi iphoyisa eladubula uMaphalala.

Okhulumela i-Independent Complaints Directorate uMnuz Moses Dlamini uthe likhona icala abaliphenyayo mayelana nokudutshulwa kukaMaphalala.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
MAKHITLE
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 40.
View Profile
migra77
I'm a 34 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 100.
View Profile
BRIGOZ
I'm a 30 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 30.
View Profile
IOL - dating
Sanddunes007
I'm a 35 year old woman looking to meet men between the ages of 37 and 50.
View Profile
IOL - dating
NYG
I'm a 35 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 45.
View Profile
IOL - dating
Ltja
I'm a 38 year old man looking to meet women between the ages of 26 and 35.
View Profile