INLSA
U-OSKIDO ungomunye woDJ abangabagqugquzeli be-South African Music Conference ezoba seThekwini
IBUYELA eThekwini ingqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo iSouthern African Music Conference (SAMC) ebikuleli dolobha nanyakenye.
Le ngqungquthela edonsa isonto lonke nehlelwa yizinkakha emkhakheni wezokungcebelela iDJs United (DJU) ehlanganiswa nguDJ Fresh, DJ Oskido, Vinny Da Vinci, Christos noCreg Maloka, isineminyaka engaphezulu kwemihlanu yenzeka.
Phakathi kwezihloko okusuke kukhulunywa ngazo kubalwa ezokuthi oDJ noma abaculi abasafufusa bengazimaketha kanjani, bengazidayisela kanjani umculo wabo ngaphandle kokusayinwa yizinkampani zokuqopha, bengazibhalisa kanjani izingoma ukugwema ukuthi zingebiwa nokunye okuphathelene nezomculo.
Phakathi kwezikukhulumi ezisuke zikhona kubalwa kuzo uDJ Ralf Gum waseGermany, Rocco waseFrance, Black Coffee, Culoe De Song, T-bo Touch nabanye abaningi abanohlonze.
Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi ovame ukuba phakathi kweTheku naseGoli, uThato “DJ Fresh” Sikwane, ukuqinisekisile ukuthi nakanjani uzobe ukwelikabhanana.
“Sithathe isinqumo sokuthi sibuyele eThekwini ngoba abantu bakuleli dolobha bayahlanya ngomculo. ITheku selifana nekhaya le-SAMC,” kusho uDJ Fresh othe abakayihlonzi indawo, isikhathi nezikhulumi zakulo nyaka.
Uthe ukubuyela kwabo kuleli dolobha akusho ukuthi isizohlala ikhona ingunaphakade.
“Sisazoyenza encane nakwezinye izindawo njengoba senza nyakenye eMacufe, eBloemfontein eyadonsa izinsuku ezintathu ngenxa yengcindezi esasiyithola kubantu,” kusho yena.
ISAMC ayiconsi kuphela kubaculi noDJ kepha nabathandi bobumnandi basuke beyibheke ngabomvu ngenxa yokuchitheka kwemicimbi uma kuqhubeka le ngqungquthela.
ODJ nabaculi abangaconsi phansi abasuke beyingxenye yeSAMC, yibo kanye labo abasuka benandisa emakilabhini nasemaphathini.
|
|
Services
Comment Guidelines