Bazofakwa ehlazweni abakhohlakele

Comment on this story
no jeff INLSA Jeff Radebe. Isithombe: Matthews Baloyi

INTATHELI YESOLEZWE

ABASEBENZI bakahulumeni abathinteka emacaleni enkohlakalo bazongena ehlazweni lokuthi amagama abo anekelwe izwe ngokuba adluliselwe emithonjeni yabezindaba.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezobuLungiswa, uMnuz Jeff Radebe (osesithombeni), ngesikhathi ekhuluma nezintatheli izolo, ePitoli.

Uthe ezinsukwini ezizayo bazomemezela amagama abantu ikakhulukazi labo abalahlwe ngamacala enkohlakalo futhi kwamiswa ama-akhawunti abo asemabhange.

Abanye balaba abazobhalwa emaphepheni noma bamemezelwe emisakazweni yilabo asebedlelwe ngisho impahla nemizi ukuthi kubuyiswe imali abayeba ngenkohlakalo.

URadebe uthe lokhu kwenziwa ngenhloso yokuthi izwe libazi abantu ababolile bakuleli.

Uthe njengamanje bamatasa babheka ukuthi lokhu bazokwenza kanjani abasebenzi boMnyango nokuthi yimiphi imithombo yabezindaba ezosetshenziswa.

Ebuzwa ukuthi ngeke yini ukukhipha amagama abantu abalahlwe ngamacala enkohlakalo emaphephandeni kudale ukuthi athathelwe izinyathelo zomthetho, uRadebe uthe ngeke ngoba vele abantu abazonekelwa izwe kabasafihliwe uma sebelahlwe ngamacala.

Uthe bafuna ukuthi abantu abalahlwe ngamacala bangagcini nje ngokuhlazeka ezinkantolo kodwa nabantu mababazi ukuthi baze baboshwe nje babedla imali yabo yentela.

Phambilini uRadebe uthe ithimba elibizwa ngokuthi yi-Anti-Corruption Task Team lisebenza kahle ukulwa nenkohlakalo selokhu lasungulwa ngo-2010.

Uthe izimpahla zabantu abangu-59 zenani lika-R816million sezibanjiwe ngumbuso, cishe u-R78 million usuqoqiwe wabuyiselwa kuhulumeni.

Ngaphezu kwalokho amapulazi ayisihlanu nawo athathiwe ngumbuso kanti intengo yawo esewonke ingafinyelela ku-R74 million. Eminyakeni emithathu edlule sekuboshwe abantu abangu-237 ngamacala enkohlakalo.

Kulaba uthe abangu-32 sebelahlwe ngamacala wathi ababili bakhishwa phambili laba abanye abangu-203 basahamba amacala.

URadebe uthe isifundazwe iLimpopo sesiyaqala ukukhombisa imiphumela emihle selokhu saqashwa ngelokhozi ngabaphenyi. Uphinde wancoma indlela yokumiswa kwama-akhawunti asemabhange abasolwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.