Bazoncela kocula owokholo abeza koweSolezwe

Comment on this story
NO TENDER MAVUNDLA.JPG elmond jiyane u-TENDER Mavundla ozobe enandisa ePort Shepstone emcimbini iNtandokazi Womens Club ehlelwa yiSolezwe Isithombe: SITHUNYELWE

NOKUBONGWA PHENYANE

IBAFANISA nabantu abasenhlahleni abesifazane abazoza emcimbini weNtandokazi intokazi ezobe ikulo mcimbi ezobe iqhulula amanoni ayo njengoba isine-albhamu entsha yomculo wokholo.

UTender Mavundla owazakhela udumo emncintiswaneni wama-Idols, uzobe ephakathi kwabesifazane abazobe bekulo mcimbi ozoba ngo-Agasti 25 ehhotela iKapenta Bay, ePort Shepstone.

Lo mcimbi ohlelwa yiSolezwe, iNtandokazi Woman’s Club uzobe uhambisana nemigubho njengoba iningi labantu besifazane lizobe lithokozela ukuhlonishwa kwalo ngamagalelo elinawo neliwakhombisa ngokwehlukana empilweni yabantu.

Ngokusho kukaTender, ziningi izinto asedlule kuzona empilweni angathanda ukuthi azidlulisele kwabesifazane kulo mcimbi.

“Izinto esengidlule kuzona zingenza ngikuthole kulula ukukhuluma ngazo futhi ngingafihli. Abantu besifazane abazoba kulo mcimbi ngithi kubona bafana nabanenhlahla kakhulu ngoba kuningi engizobavulela khona okusesifubeni sami,” kusho uTender.

Uthe usehlangana nabantu abahlukene abanezinkinga ukuze abakhuthaze kunoma yiziphi izimo ababhekene nazo.

Kulo mcimbi okungowesithathu kulo nyaka leli phephandaba ligubha ngawo iminyaka elishumi, owesifazane oyedwa uzohamba ebusisekile futhi engazisoli ngokuza kulo mcimbi ngoba uzohamba nesipho sosofa bakwa-Geen & Richards besikhumba benani lika- R17 000.

Ngokusho kukaZandile Nembe weSolezwe, amathikithi asephelile futhi nabebebekise izihlalo abangakakhokhi abangabe besazihlupha ngoba konke sekuphothuliwe.

Izikhulumi ezifana noVuyi Gama wakwa-Inecto, aboMnyango wezo-Bulungiswa KwaZulu Natal nabavela ebhange Ithala, bashiya umuntu wesifazane ebona ukubaluleka kwakhe nokomndeni wakhe.

Abebhange Ithala bakhuluma ngezinto ezithinta iphakethe lakho njengoba besuke bekutshela izindlela ezikucijayo ngokuthi ungayonga kanjani imali yakho.

Lo mcimbi okungenwa kuwona ngo-R150 uzoqala ngo-10 ekuseni kanti uhlelo luzophathwa nguThokozani MaMkhize Ndlovu owake waba ngumsakazi woKhozi FM.

Kubaxhasi kubalwa iThala, Hallmark, Spekko Rice, Inecto noMnyango wezoBulungiswa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.