AZONGCWATSHWA ndawonye kusasa malungu angu-11 ebandla iThe 12th Apostolic Church ashone engozini yeveni eHarding ngeSonto enkonzweni ezohanjelwa nanguNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda.
La malungu, okukhona nayisikhombisa asemndenini owodwa, ashone ephuma emvuselelweni eKhwezi, eHarding, ebisemzini kaNkk Thandi Cele oshonelwe ngamadodakazi amabili nomzukulu.
Ungqongqoshe uzobe ehamba nezimeya zikaMasipala Umuziwabantu nowaseMzumbe kule nkonzo ezoba sezinkundleni zemidlalo eGumbatana eMzumbe.
“Njengoba siwuhulumeni onakekelayo kubalulekile ukuthi sikhombise ubuntu, sizwelane nemindeni eshonelwe. Sibambisene noMnyango wezokuThutha, iRoad Accident Fund, omasipala nezinhlaka zomphakathi ukusiza imindeni ethintekile.
“Ukulahlekelwa abantu abangu-11 engozini eyodwa akuyona into encane futhi kumele sonke sizame ukuthi kungaphinde kwenzeke,” kusho uKaunda.
UNgqongqoshe, ovakashele imindeni ngoMsombuluko, uthe le ngozi ingenkulu selokhu kwadlula amaholidi ePhasika. Ukhale ngokuthi iveni ibilayishe ngokweqile njengoba kusinde abangu-11 kwashona 11.
Umshayeli weveni uMnuz Siyanda Mkhungo (27), oshonelwe ngodadewabo okuzalana oyise emndenini, uvele enkantolo yeMantshi eHarding ngoLwesibili kanti ubhekene namacala angu-11 okuzama ukubulala nangu-11 okubulala ngokungenhloso. Ungaphandle ngebheyili kaR3000 kanti naye ululekwe ngokomqondo.
Unina uNkk Josephina Dlamini (50) uthe uyazwelana nendodana yakhe ngoba okuyehlele ayikuhlelanga. Uthe iveni ngeyakhe kodwa ishayelwa indodana ngoba inezincwadi futhi ayikaze ingayenza ingozi.
Abasinde kule ngozi bathe bejwayele ukuqasha le veni uma kuyiwa ezinkonzweni ngoba ngeyesihlobo. Bathe basola ukuthi yaphelelwa ngamabhuleki yaphaphalaza yaphoseka eweni.
UMfundisi Bhekizitha Dlamini uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushiywa ngamalungu ebandla kule ngozi. Uthe bekunemvuselelo eqale ngoMgqibelo kwahlukwana ngeSonto ntambama.
UMnuz Mzwandile Zondi, woBumbano Operators Association KwaZulu-Natal, uthe bafisa uhulumeni abambisane nabo njengabaphathi bezikole zokushayela, kuqwashiswe imiphakathi ngezingozi. Uthe inkulu inkinga ezindaweni ezisemakhaya ngoba amatekisi awekho, kusetshenziswa amaveni angaphephile.
Abashone kule ngozi nguZanele Mkhungo (25), Sanelisiwe Mkhungo (19), Bawinile Mkhungo (14), Enzokuhle Mkhungo (onezinyanga eziyisihlanu), uSthembile Mkhungo (21), Neliswa Mqadi (15), Baqondile Mkhungo (47), Omuhle Mkhungo (2), Thembeka Dlulisa (20), Lungisile Dlulisa (18) noSlindokuhle Dlamini (20).