Bazophuma benyinyitheka yizipho kwiNtandokazi eJozini

Comment on this story
NO_no vuyi gama.jpg0 . UNkk Vuyi Gama wakwa-Inecto uzobe enza adume ngazo zokucobelelisa abantu besifazane ukuthi bangazigcina kanjani bebahle eJozini

NOKUBONGWA PHENYANE

NGEKE bazisole nakancane abesifazane abazobe behambele umcimbi omkhulu ohlelwa yiSolezwe, Intandokazi Women’s Club.

Lo mcimbi okuzobe kuboshelwe kuwo abesifazane abanamagalelo ehlukene empilweni, uzobe usehhotela eligudle iJozini Dam okuyidamu eliheha abaningi ngenxa yobukhulu bayo nobuhle bokukakwa yizintaba, iJozini Tiger Lodge, eJozini ngoJuni 9.

Konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi njengoba izipho zizobe ziyindathane, imbokodo ezobe iwuhambele ezozihlomulela ngazo.

Ngokusho kukaNksz Precious Gumede weSolezwe, izipho zizobe ziziningi njengoba lokhu kuhambisana nokuthi leli phepha ligubha iminyaka eyishumi lasungulwa.

Izipho ezihlanganisa amawashi akwaHallmark, izitsha zakwaTupperware, microwave, amaketela, ayina, amahempa avela ebhange Ithala, awakwa-Inecto, Spekko Rice nama-CD ahambisana nama-DVD eqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration ngezinye zezipho abantu besifazane abazoba kulo mcimbi abazozititilizela zona.

“Konke sekumi ngomumo kulo mcimbi. Kuningi esikuphathele imbokodo ezoba kulo mcimbi wethu wesibili kulo nyaka futhi osazohambela nakwamanye amadolobha,” kusho uNksz Gumede.

Kulo mbuthano wabesifazane kusuke kuhlomiswana, kwakhiwana, kuthuthukiswana ngezinto eziningi ezithinta imbokodo njengoba izikhulumi ezisuka eMinyangweni kahulumeni nasezikhungweni ezahlukene zisuke zethula izinkulumo.

Uhlelo kulo mcimbi luzobe luphethwe yintokazi esizakhele igama emkhakheni wezamabhizinisi uNksz Zama Phakathi.

Izikhulumi ezifana noNkk Bridgette Shabangu woMnyango wezoBulungiswa KwaZulu-Natal, Vuyi Gama oyinxusa lakwa-Inecto nezikhulumi zaseThala bazobe beshiyelana inkundla.

Umculi we-jazz waseMlazi uMelody naye uzothokozisa imbokodo ngezingoma zakhe ezahlukene njengoba kunguye ozonandisa ngokudla komphefumulo.

UNksz Gumede uthe kubantu besifazane akade befisa ukuba yingxenye yalo mcimbi, sekumele balindele olandelayo ngoba izikhala zokungena seziphelile.

Phakathi kwabaxhasi balo mcimbi wangoMgqibelo singabala uMnyango wezoBulungiswa KwaZulu Natal, Ithala nabakwa-Inecto.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.