.
IQEMBU labesifazane iDa Babes elizobe liqhulula izingoma zalo ngeSonto eCurries Fountain, eThekwini. Kusuka kwesobunxele nguNqobile Mlaba, Nhloh Masinga noZama Jali
BAZOHLOLA izingoma zabo ezintsha abaculi noDJ abazobe beshiyelana inkundla kwi-Afro Music Xperience eCurries Fountain ngeSonto.
Lokhu kushiwo ngumhleli walo mcimbi uDJ Tira we-Afrotainment.
UDJ Tira uthe njengoba unyaka usaqala bamatasa estudiyo bapheka izingoma ezintsha okuyizo ezizobe zidansisa abantu uma sekufike amaholidi kaKhisimusi.
“Uma wenza ingoma entsha kumele uyizwise abantu ukuze ubone ukuthi bayayithokozela yini. Leli yithuba lokuthi sihlole izingoma zethu lapho sizobona khona ukuthi bazemukela kanjani. Uma kungukuthi ziyabhacaza lokho kusho ukuthi kumele sibuyele e-studiyo sisebenze kabusha,” kusho yena.
Uthe kuyimanje sebengasemaphethelweni e-albhamu yokuqala yomculi ngaphansi kwesitebele sakhe, uBhar esihloko sithi Morning Bang.
Le albhamu enengoma esiqalile ukudlalwa emisakazweni ethi I-party Yama Couple kulindeleke ukuthi iphume ngoMashi 28.
UTira uthe kulo mcimbi kuzobe futhi kugujwa usuku lokuzalwa komculi oyilungu leBig NUZ, uDanger.
Phakathi kwabaculi abazobe beshiyelana inkundla nguZakwe, L’vovo, Big NUZ, Kenny “Sushi King” Kunene, Khuli Chana, Kabelo, Joocy, Bhar, Tira, Sox, King Bayaa, Sgqemeza, Fisherman, T-bo Touch, Bongs, Twitty, BFS, Websta, Boonu, Masiya, Deep, Nzwiri, C’ndo, Feel, Vuuh, Rocksilver, Zulu Boy, Benzy noMzyks, Da Babes, Oros, Sir Bubzin, DJ Gukwa nabanye.
UTira uthe abantu abasheshe bafike ngoba kuzoqalwa emini kanti bazongena mahhala ngaphambi kokuba kushaye u-3 ntambama.
“Ngemuva kwalokho kuzongenwa ngo-R50 kuze kuvalwe ngo-10 ebusuku. Abantu mabeze nama-camp chairs neziphuzo zabo kodwa hhayi ezisemabhodleleni ngoba awavumelekile. Abangenazo zizobe zidayiswa ngaphakathi,” kusho uTira.
|
|
Services
Comment Guidelines