Bazovalelwa abaphuza emgwaqweni

Comment on this story

SIMPHIWE NGUBANE

BAZOZALELWA yinj’endlini abadayisi botshwala abahweba ngokungekho emthethweni nabanamalayisensi kodwa abaphula umthetho wokudayisa utshwala emuva kokuthi amaphoyisa ekhiphe isexwayiso esishubile ethi bazoboshwa abenza lokhu ngalamaholidi.

Ngisho abashayela bedle amanzi amponjwana bazoboshwa uma bebanjwa. Izivimbamgwaqo zizobe zithe chithi saka amaphoyisa engangoZulu eya emakheni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge uthe uqalile umshikashika wokugasela kwamaphoyisa emathaveni lapho afike ahlole isimo futhi eqinisa ezokuphepha emphakathini ebheka ukuthi uyalandelwa yini umthetho wokudayiswa kotshwala.

Uthe bazongena babheke ukuthi ibhizinisi liqhutshwa ngendlela efanele uma kungenjalo bashaqa bonke utshwala bese bebopha umnikazi walelo joyinti oyobe echazela inkantolo ngabekwenza. “Abantu babhonasile abanye bahlukanisa izitokofela kulezi nsuku ngakho nesibalo sabaphuza utshwala budedengu siphezulu. Abadayisi botshwala kuze kushaye phakathi kwamabili ebusuku behweba okuyinto ephambene nomthetho. Abadayisi botshwala abakhumbule ukuthi akuyena wonke umuntu ophuzayo emphakathini ngakho ukubanga umsindo ngengoma ebusuku kuyaye kuhlukumeze abanye abantu abangaphuzi. Amaphoyisa asiqinisa impela isandla kulezi zinsuku ekuqinisekiseni ukuthi umthetho ulandelwa ngendlela uma kuza ezintweni ezithinta utshwala,” usho kanje.

Uxwayise abantu abathuma abanye badayisele izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 utshwala ethi lokhu kuphambene nomthetho wokuhweba ngotshwala.

Kulindeleke ukuthi uKhomishana wamaphoyuisa esifundazaweni uLieutenant General Mmamonnya Ngobeni ethule uhlelo amaphoyisa azosebenza ngalo ngalamaholidi eqinisa ezokuphepha nasezindaweni ezidayisa utshwala.

Okunye okuzokwenziwa ukuhlomisa abantu ngezokuphepha emarenki, enxanxatheleni yezitolo nasezindaweni zobumnandi okugcwala kuzona abantu abaningi.

Amaphoyisa axwayise oskhwiliphambananobhoko abaphuzela emgwaqeni ukuthi bahlukane nalo mkhuba ingaze iphenduke usizi injabulo yabo.

UMdunge uthe basebenzisana nezinhlaka ezahlukene okukhona kuzo naboMnyango wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho, South African Breweries, KZN Liquor Authority noMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi esifundazweni oholwa uMnuz Willies Mchunu.

Enkulumweni yakhe ayenze eSishayamthetho ngoLwesine uMchunu utshele iKhabhinethi uthe umkhankaso wabo wokuhlomisa ngolwazi abanikazi bamathaveni ukuze baqhube ibhizinisi ngendlela ephephile. Uthe banikezela nangemishini ehlola izinga lotshwala emzimbeni ebizwa ngama-breathalyser.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.