Bazovulelana izifuba abesifazane

Comment on this story
no lambo1 Group UZANELE Mbokazi uthi abeze abesifazane kulezi zingqungquthela ukuze baqine bakwazi ukumelana nezinkinga.

SIZWE BLOSE

KUZOKUBE kutshelwana ezikabhoqo kuchungechunge lwezigqugquthela ezihlelwe nguZanele Mbokazi weMirror Public Relations ophinde aphathe uhlelo lwezingxoxo olubizwa ngeKhwezela/ Rekindle ngeSonto, ku-SABC 1.

UZanele uthe kulezi zingqungquthela kuzobe kuhlangene abantu besifazane bevulelana izifuba baphinde banikane nezeluleko.

“Lezi zingqungquthela zibizwa nge-Woman to Woman, into esiyiqaphelile ngukuthi uma abantu befakaza (emabandleni) kugcina kuvela ukuthi izinto abazishoyo kukhona labo abazazi kangcono noma asebeke badlula kuzona babe sebeluleka labo abasuke besabhekene nazo,” kusho uZanele.

Unxuse labo abazohambela lezi zingqungquthela ukuthi beze nomoya okhululekile bangasabi ukukhipha yonke into ngoba kwalokho kukodwa kuyaphilisa.

Uthe nabo uma befika kulezi zingqungquthela kabazenzi ongcwelengcwele, bafika bakhulume ngezinto ezingezinhle asebedlule kuzona ngoba bayazi ukuthi bazozithola izeluleko njengoba nabo bezikhipha kulokho abakwazi kangcono.

UZanele uthe eQuatas, eNewcastle, bakhona ngoJulayi 28, basuke lapho balibhekise eSwaziland ngo-Agasti 3, kuzothi ngosuku lwabesifazane kuleli okungu-Agasti 9 babe seThekwini. Lolu chungechunge luzoze luphele eGoli, eSoweto, ngoSepthemba 1.

Uphethe ngokuthi yize ematasatasa kodwa uyasenza isiqiniseko sokuthi ngeSonto abe sesontweni lomyeni wakhe eThekwini nathe likhula ngesivinini.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.