Gallo Images
IZELAMANI uJordan Ayew no-Andre Ayew babukeka beyikusasa leqembu lesizwe laseGhana
BEKUDLISE abozalo ku-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2012 esongwe izolo eGabon kowamanqamu obekubhekene kuwona ithemba lase-Afrika eseNingizimu iZambia ne-Ivory Coast okuyiyona ebithishwe ukube idle umhlanganiso kulo mqhudelwano.
Ukugqama kwezelamani kulo mqhudelwano kufakazelwa wukuthi kowamanqamu iZambia ibibophele oChristopher Katongo, ukaputeni waleli qembu, nomfowabo, uFelix, kanti ku-Ivory Coast bekukhona abafana bakwaToure okungoYaya noKolo.
UChristopher (29) odlalela iHenan Construction FC yaseChina ushayele izwe lakhe inqwaba yamagoli kulo mqhudelwano. Nakuba engalitholanga kahle ijezi umfowabo uFelix (27), ogijima kuGreen Buffaloes yaseZambia kodwa bekuthi njalo uma engenile ibonakale into ayenzayo.
Okunye okwenza kucace ukuthi uFelix ungomunye wabadlali obekuthenjelwe kubona lapha wukuthi ngesikhathi kwabelwana ijezi bamgixabeze ngonombolo 10 inombolo engagqokwa yinoma ngubani.
UYaya Toure (28) nomfowabo uKolo (30) bobabili abadlalela iManchester City, bebewumgogodla waleli qembu le-Ivory Coast elidlale kahle zisuka kwaze kwaba uyasongwa lo mqhudelwano. Ukuqina kodonga lwasemuva lwe-Ivory Coast bekuncike kakhulu ekukhalipheni kukaKolo kanti uYaya ubegila izimanga maphakathi nenkundla, into ayenze waze wayihlobisa ngengcwenga ye-freekick ayishaye bekhipha i-Equatorial Guinea kowe-Quarter Final.
Yize igcine iphume kabuhlungu iGhana kulo mqhudelwano kodwa kucacele noma ngubani ukuthi abafana besihlabani sakuleli zwe sakudala u-Abedi Pele Ayew basezokuba wolukhulu usizo kuleli zwe.
ABAFANA bakwaToure uYaya (kwesokunxele) noKolo Toure bawumgogodla weqembu lase-Ivory Coast. Izithombe: GALLO IMAGES
Lefty Shivambu
Emdlalweni onqotshwe yiMali ngo 2-0 kuGhana okuyiwona obuzokhipha izwe elizolala isithathu ngoMgqibelo eMalabo, phakathi kweGhana neMali, bebekhona o-Andre Dede Ayew (22) nomfowabo odlalela naye i-Olympique Marseille yaseFrance, uJordan Ayew (20).
Bobabili abafana baka-Abedi Pele Ayew bakhombise okukhulu ukuvuthwa kulo mqhudelwano. uDede eshaye amagoli amqoka kanti ubebuye abe ngukaputeni uma kudingeka. Ngaleso sikhathi umfowabo, uJordan, ubeqhamuka neminyakazo emihle okugqame kakhulu koweZambia lapho ebezenzela khona ezitobheni zeChipolopolo.
Njengoba zenze kahle lezi zihlabani ezingenhla, ezakwaTraore, o-Bertrand noAlian beBurkina Faso abazange babe nomqhudelwano omuhle kwazise izwe labo likhishwe zisuka amadaka ku-Afcon.
UBertrand (17) udlala esiswini eqenjini elincane leChelsea yase-England bese kuthi umfowabo omdala u-Alian (23) abe ngumgadli kwi-Auxerre egijima esigabeni esikhulu saseFrance.
|
|
Services
Comment Guidelines