isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

Bekuboshelwe namaloli kowe-Dakar Rally


no dakaa

UMA ubucabanga ukuthi umjaho onesasasa emhlabeni onqamula amazwe anogwadule iDakar Rally ngowezimoto ezincane namaveni kuphela ushaye phansi ngoba bekuboshelwe namaloli.

Enye yamaloli ezibonakali-sile kulo mjaho iHino yamaJapan (bheka isithombe esincane) enqobe lo mjaho okwesithathu selokhu kwavulelwa namaloli.

Amaloli angenela lo mjaho kumele kube ngawenjini engu 10 litres nangaphansi. Umjaho walo nyaka uqale ngoJanuwari 1 eMar-del-Plata e-Argentina, wanqamula kwesabavukuzi eChile waze wayophelela ePeru eLima ngesonto esiphuma kulo ngoJanuwari 15. Amaloli ahambe ibanga elingu 8 336km, kanti bekunezigaba ezingu 14 lapho abefike adlule khona kube khona onqobayo kulesi sigaba ngaphambi kokusongwa kwamakhilomitha wonke.

Iloli eligile izimanga kube iHino 500-Series elishayelwa uTeruhito Sugawara no Seiichi Suzuki. Enye iHino engene endaweni yesibili ibihamba umakadebona kulo mjaho uTeruhito oneminyaka engu 70.

IHino, okuyiloli lokuqala lamaJapan ukungenela lo mjaho, laqala iDakar ngo 1991. Kwenye iDakar Rally yagcina ihoxisiwe ngenxa yezimpi e-Afrika. Omunye umjaho abawungenela waphelela eCape Town uqale eParis.

Khonamanjalo, ithimba lakwa Toyota iTeam Imperial Toyota lijabule ngokuqeda lo mjaho ngesikhathi esikahle.

no hinoo

IDakar Rally isithathwa njengomjaho wokuxhumanisa amazwe nokuqinisa ubuhlobo. Kuwo wonke amazwe lapho kunqamula khona izimoto izivakashi zishiya okuthile kuhlomule abantu bendawo ngokomnotho.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
AGN_391
I'm a 24 year old man looking to meet women between the ages of 21 and 38.
View Profile
Cashmere41
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 43.
View Profile
Cashmere41
I'm a 41 year old man looking to meet women between the ages of 25 and 43.
View Profile
IOL - dating
1967_pyv
I'm a 44 year old woman looking to meet men between the ages of 35 and 55.
View Profile
IOL - dating
JIA11
I'm a 44 year old woman looking to meet men between the ages of 36 and 52.
View Profile
IOL - dating
Robz31
I'm a 30 year old woman looking to meet men between the ages of 30 and 40.
View Profile