FANELESIBONGE BENGU
U SOMIZI Mhlongo, obambe ngesinqandi uzakwabo abephethe naye uhlelo kumaSouth African Music Awards (Sama) abeseNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, ngempelasonto, uthi kuye bekufana nokuthi uqabula udadewabo omncane.
USomizi noThando Thabethe, ongumsakazi owenza i Thabooty Show ku-5fm, bamangaze abaningi beqabulana kumaSama.
AmaSama, obekungaka-22 nonyaka abesakazwa bukhoma kuSABC 1 kusukela ngo-8 ebusuku.
“Angizwanga lutho ngemuva kokumqabula. Bekufana nokuthi ngiqabula udadewethu omncane,” kusho uSomizi.
UThando, ekhuluma ohlelweni lukaMo Flava kuMetro FM izolo ekuseni, uncokole ngokuthi uSomizi akakwazi nhlobo ukuqabula.
“Siqale sabuzana ukuthi sizolusebenzisa yini ulimi uma sesiqabulana. Sigcine sivumelana ngokungalisebenzisi. Cha, kodwa uSomizi uqabulana kabi, akakwazi. Kugcine kube yinto emnandi ukujabulisa abantu kodwa…,” kusho uThando.
Banconywe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngendlela uhlelo abebeluphethe ngayo njengoba bebephinde baqhulule namahlaya. Ngemuva kwesiteji kuGreen Room bekukhona uKhanyi Mbau noPhat Joe abebekhuluma nabawinile. Uhlelo lwakukhaphethi obomvu beluphethwe nguPearl Modiadie, Lunga Shabalala noBonang Matheba.
“Kuyathusa ukuthi abantu bawujabulele umsebenzi wami. Benginesifiso ukuthi kuhambe kahle. Okuhle wukuthi bengiphethe uhlelo lomcimbi omkhulu kangaka ngasekhaya. Bengibhaleliwe ukuthi ngithini kodwa hhayi isingisi, bengingafuni ukuzixaka kakhulu,” kusho uSomizi.