.
UDJ Gesh waseMgababa oshiye abantu bengawuvali umlomo kwa-T Man. Isithombe: SANDILE MAKHOBA
SIZWE BLOSE
INDAWO yaseMgababa nayo ayisalanga ngaphandle kulezo ezikade zinobumnandi kulempelasonto kaJuni 16 okuyinyanga yabantu abasha.
Le ndawo eyaduma ngodlame kodwa eseyithuthuke ngendlela eyisimanga kade ziwa nakuyona njengoba usomabhizinisi wendawo owaziwa ngo-T Man ekade ehlanganise abantu endaweni yakhe yokucima ukoma.
Intsha kule ndawo izithokozise ngeziphuzo kuthe kungagcwala kule ndawo kwadlulelwa kwakhe losomabhizinisi. Bekukhona nabanye osomabhizinisi abaziwayo eThekwini okungabalwa kubo uThethi Mchunu ovamise ukuhlela iMgababa Beach Festival noLale Ngcobo ophethe iqembu leMalini. Abantu abebekhona bathokoziswe uDJ wendawo, uGesh.
Kulo mcimbi bekuziqhumela isigubhu kuphela abantu bezitika ngenyama ebeyikhishwa uyena uT Man obekucaca ukuthi kudala awulungiselela lo mcimbi njengoba. Abantu beyidle baze bayibuka inyama kanye neziphuzo.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services