.
UMSAKAZI woKhozi FM uLinda Mr Magic Sibiya noPastor Sthembiso Zondo wodumo lwezinkulumo ezakhayo bazimisele ngokukhumelana umlotha. Lesi sithombe sithathwe ekhasini likaLinda ku-Facebook la ememe khona abalaleli ukuthi baxoxe eyakhe noZondo izolo
SIZWE BLOSE noNOKUBONGWA PHENYANE
KNENHLANSI yethemba lokuthi umsakazi woKhozi FM uLinda Sibiya angathelelana amanzi noPastor Sthembiso Zondo wezinkulumo ezakhayo, emva kwemibiko yokungezwani kwabo eyaholela ekumisweni kukaZondo kulo msakazo.
Izolo zombili lezi zilomo zohlelo lwasekuseni iVuka Mzansi, zitshele Isolezwe ukuthi zizimisele ukuhlala phansi zixoxisane ngokungaboni ngaso linye.
Eziphendulela uZondo naye uthe akanankinga noLinda futhi abantu abayeke ukukhomba uLinda kepha ababuze nezikhulu zoKhozi, okumele engabe zalusukumela lolu daba.
Ubekusho lokhu echaza ngokuthi ayikho inkontileka emile ayisayina noKhozi futhi ubengaziholeli izinkulumo zakhe ebezisakazwa emoyeni.
Uthe iphutha elikhulu alenzile kusukela ezinyangeni ezimbili ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngo-2010 wukungabi nenkontileka ayisayine noKhozi FM.
“ULinda ushadile noKhozi kodwa mina bengifana nomuntu ojolayo khona, yingakho kube lula ukuthi mina ngiphume emoyeni, uLinda aqhubeke,” kusho uZondo.
Uthe angakwazi ukuqhubeka asebenzisane noLinda uma uKhozi luzimisele ngokumbuyisa.
Umphathi woKhozi FM, uBonga Mpanza, uthe: “Inzima le ndaba. UZondo ukhuluma iqiniso uma ethi kumele singenelele kulolu daba kodwa kunzima ukukhuluma ezithinta izinkontileka ngoba nguye owazicelela ukumiswa ngenxa yokusabela impilo yakhe. Angikaze ngithi akame,” kusho uMpanza.
Uthe basamlindele uZondo ukuthi abuye emsebenzini.
Bakhuluma kanjena nje, bese kunengcindezi eqhamuka kubalaleli balolu hlelo abebevutha bethi bafuna uZondo abuyele emsakazweni ngokushesha. Khona izolo uLinda umemezele ohlelweni lwakhe ukuthi uzovula inkundla lapho ezochaza khona konke ngaye noZondo kuFacebook, nalapho abalaleli bebevutha khona bethi abafune kuzwa lutho ngengxabano yabo kepha bafuna uZondo emoyeni.
Ngemuva kokuchazela abalandeli bakhe uLinda kuFacebook, utshele Isolezwe ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi yena noZondo badlulise ukungaboni ngaso linye, babuyisane ukuze baqhubeke nomsebenzi wokuvuselela abantu.
“Ngizimisele ngokuthi sihlale phansi sikhulume nozakwethu ngoba lokhu okwenzeka kithina kuyisilingo abalandeli bethu abebebhekana naso sibasize ngezinkulumo ezakhayo. Inselelo yethu manje wukuthi indlela ebesiyala ngayo abantu nathi siziyale ngayo, siqhubekele phambili. Sicela nabalaleli basithandazise kulokhu,” kusho uLinda.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services