Gallo Images
UNUKELWA yijele ukaputeni weMamelodi Sundowns uMethod Mwanjale uma izinto zingahamba njengoba kufisa iZifa ngodaba lokukhwabanisa. Isithombe: GALLO IMAGES
ABUSEHLI ubuthongo kwabeMamelodi Sundowns ngokuzokwenzeka kukaputeni wayo uMethod Mwanjale okuphunywa naye iqhubu ezinsolweni zomkhonyovu osematheni kulezi zinsuku lapho yena nozakwabo baseZimbabwe besolwa ngokugwazelwa ukuze bedayise imidlalo.
UMwanjale obengukaputeni ngesikhathi iZimbabwe ivakashele e-Asia phakathi kuka-2007 no-2009 nguyena okugqama igama lakhe nozakwabo kuSundowns uNyasha Mushekwi bese kuba wuThomas Swewe weKaizer Chiefs okuyibona abadingisiwe ekuzihlanganiseni neqembu lesizwe.
Ngemuva kokuboshwa kukaHenrietta Rushwaya obeyiChief Executive Officer (CEO) yeZimbabwean Football Association (Zifa) ngoba esolwa ngokuba wungqondongqondo walo mkhonyovu, kuvele imibiko ethi nabadlali abathintekayo sekuseduze ukuthi bavalelwe.
Ukuboshwa kwabadlali abathintekayo lapha kuzoyiphazamisa iSundowns kwazise kubadlali abathathu okuphunywa nabo iqhubu inababili abamqoka okunguMwanjale (ukaputeni) noMushekwi (umgadli ophambili).
UKabelo Misito wezokuxhumana kuSundowns akazange akuphike ukuthi bamagange ngokuzokwenzeka lapha kodwa abaxhamazeli kwazise akekho obeseke waxhumana nabo phakathi kweZifa, Fifa ngokunjalo neSafa.
“Simile ekutheni sikholwa wukuthi lolu daba alusithinti ngoba ngesikhathi laba badlali begijima le midlalo abasolwa ngayo, babengakabi ngabethu,” usho kanje.
Ecaciselwa ngokungase kwenzeke uma iZifa igcine ngokuphumelela ukuthi laba badlali bakhalelwe amasongo kaSigonyela uMasito uthe: “Eqinisweni simagange ngomphumela walolu daba ngoba sizophazamiseka kakhulu uma iFifa ingase ikhiphe isinqumo esinzima. Singenzenjani nje, umangase siyalelwe ukuba sidabule izinkontileka zabo? Nakuba kungekho zimpawu zokuba muncu kwesimo ekhempini kodwa sihlalele ovalweni, kumbe ngingathi, ethembeni ngokuzokwenzeka.”
Kubikwa ukuthi laba badlali bebefumbathiswa u-R7 500 ukuze behlulwe. Abazazi kangcono bathi uKhama Billiat we-Ajax Cape Town ngeke enziwe lutho ngoba konke obekwenzeka ubengenalo izwi kwazise ubesemncane kakhulu. UMushekwi kuvele ukuthi kunemidlalo abebuye ayinqabe ukuyigijima ngoba ekhala ngokuthi uyahluleka ukudlalela ukwehlulwa.
Ngaphezulu kukaSweswe okunguyena ogqamile kuChiefs nakuba kungashiwo lutho ngabo kodwa ayavela namagama oJimmy Jambo noWillard Katsande.
Abanye abadlali abavelayo oKingston Nkatha weBlack Leopards no-Energy Murambadoro weBidvest Wits.
Khonamanjalo elinye lamaphephandaba aphuma ngeSonto libike ukuthi kunezinsolo zokuthi kwakhokhelwa onompempe ukuze bawinise iBafana Bafana ngesikhathi idlala imidlalo yobungani ilungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2010.
|
|
Services