SIZWE BLOSE

ATHENGWA ubuthaphuthaphu amathikithi endumezulu yefestivali, Ugu Jazz ezoba ngoMgqibelo (Juni 23), ePort Shepstone.

Lo mcimbi oba minyaka yonke uzokuba soGu Sport and Leisure Centre.

USthembile Nxumalo oyiMaketing and Promotions Manager uthe konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi, wathi bona sebelinde abantu ukuthi bazogcwalisa inkundla.

“Emasontweni adlule sihambele ezinye izifundazwe isasasa likhulu kakhulu abantu bathi sebewathengile amathikithi,” kusho uSthembile.

Ucele abantu ukuthi bafike ngesikhathi wathi uma kungenzeka kumele bafike kusasele usuku noma izinsuku ezimbili ngaphambi kosuku lomcimbi ukuze babone ubuhle bendawo yasoGwini.

Uveze ukuthi namhlanje bazokuba neGala Dinner yabaxhasi bomcimbi nabezindaba.

Uthe ngoLwesihlanu balindele inqwaba yabathandi bobumnandi kwi pre-party ezoba seMarburg Stadium ezobe ibophele abaculi abanohlonze okubalwa uProfessor, Da Babes, Ralph Gum, Tira, Shota, Zakwe, Happy Gal, Lvovo Derrango, 101, 745 crew nabanye.

“Ngaphandle kwalokho sizobe sibophele izinkunzi zodwa kwi-jazz ngosuku olulandelayo, njengoba sigabe ngoLira, Thandiswa Mazwai, Ray Phiri, Oliver Mtukudzi, MiCasa, Mbongeni Ngema, DJ Muntu, Zakes Bantwini, Ringo nabanye.

Uphethe ngokuxwayisa abantu ukuthi bagqoke izimpahla ezifudumele ngoba kuzokube kumakhaza.

Amathikithi e-pre party abiza u-R70 kuthi awe-jazz abize u-R200.