bezidlana imilala kwethulwa izimoto kwi-jims

no claren1

UMA kukhulunywa ngokukhipha unyawo kumbe ukudlisela ogageni oncintisana nabo kusuke kukhulunywa ngabakhi bezimoto emhlabeni abashiye izethameli ziconsa amathe ngezimoto ezintsha abakhombise ngazo kwiJohannesburg International Motor Show (JIMS), ezosongwa ngeSonto eNasrec eGoli.

Uma ufuna imoto yomtsako, usina uzibethele kusukela kumaBMW ekhiphe entsha i-1 Series econsisa amathe. Yile nkampani ephinde yakhe iMini Cooper. Kulo mbukiso ikhiphe unyawo ngentsha iMini Cooper ekushiya ubambe ongezansi. Le nkampani iphinde yakhalisa abantu ngokwethula entsha i-BMW M5, inkunzimalanga yomtakabani. Iseyodwa kuphela kuleli kanti bebengafuni noyedwa ozongena ngaphakathi azidelise ngokuyithinta nje.

AbakwaMercedes Benz bakuphindile abadume ngakho. Bethulele umphakathi isilwane somhlola i-CLS Roster ongacishe uyifanise neSLK kodwa yona yehlukile. Igqama esixukwini le nkunzimalanga. Ibiphelezelwa ngezakwabo ezisanda kwethulwa njengayo entsha i-SLK, CLS, C-Class Coupe nezinye.

Bekungabe akuwona umbukiso ingekho inkampani eyakha ubutsetse bakwa-Audi. Imoto yabo engiyethulele isigqoko ngentsha ceke i-Audi A8 ebukeka iyibhanoyi ngaphakathi. Uma uhleli ngemuva ungathi kushoda isiteringi kuphela ngendlela enobuchwepheshe ngayo. Sekushoda ukuba iphakamele emoyeni indize le nkunzimalanga. Ngeke udlalele ngakuyona njengoba iwu-V12 Quattro futhi idinga liqine ngempela iphakethe.

AbakwaMcLaren baqhamuke nomusha umshini abawethule kulo mbukiso. AbakwaVW bayibekile induku ebandla kanti nabakwaGeneral Motors bavuke neSS Lumina iveni Elisha, bethula iChev Utility ezothandwa kakhulu kunakuqala. Babukisile impela ngeveni labo i-Isuzu ebelikhanya esiswini kungathi linqunu, njengoba sasibikile ngeledlule. I-Kia Optima ngenye yezimoto ezithandwe kakhulu kulo mbukiso njengoba bekungalindelekile ukuthi bangakha imoto esezingeni eziphezulu kangaka. Ungabala kushone ilanga. Empeleni uma ungaqhathanisa lo mbukiso nenye into ungafaniswa neVodacom Durban July.


sign up