.
UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ekhuluma nabezindaba izolo eThekwini. Isithombe: PHUMLANI THABEDE
SIMPHIWE NDWANDWE
I-ANC KwaZulu-Natal izophakamisa ukuthi ukubuyiselwa kwezimayini ngaphansi kukahulumeni, okuyinto egovuzwa wuphiko lwentsha kule nhlangano, kungabi wumgomo kaKhongolose ngoba kuzobiza kakhulu.
Ingqungquthela kazwelonke yenqubomgomo ye-ANC izoba seGallagher Estate, eGoli, kusuka ngo-Juni 26 kuya ku-29 kwephezulu.
UNobhala we-ANC, KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ngeke neze balweseke lolu hlelo ngoba bakholwa wukuthi luzobhincisela nxanye uhulumeni ngokwezimali futhi ukuthatha izimayini kubanikazi bazo kungabiza imali enkulu.
Uthe bazophakamisa ukuthi kube nenkampani kahulumeni ezokwengamela onke amabhizinisi ngisho nalawo ezokumbiwa phansi.
UZikalala uthe sekubonakele ukuthi inqubomgomo elawula ukusatshalaliswa komhlaba kuleli ngaphansi komthetho othi kufanele umnikazi wepulazi kube nguyena ofuna ukudayisa futhi nohulumeni noma abe sesimeni sokuthenga awusebenzi futhi kuzodingeka ukuthi kuxoxwe ngenye indlela okuzosingathwa ngayo lolu daba.
Utshele abezindaba ukuthi bazophakamisa engqungqutheleni ezoba emasontweni amabili ezayo ukuthi kuqiniswe isandla kulabo abasuke benza izinto eziphambene nemithetho yokuziphatha ku-ANC.
Ukucula amaculo ajova abaholi abathile noma aphakamisa abaholi abathile bafuna kuvalwe kodwa kuculwe amaculo amayelana noMengemeli nenhlangano.
Okunye okuzobhekwana nakho wukudayiswa komhlaba kubantu abaphuma kwamanye amazwe futhi kuqedwe nya ama-labour broker.
UZikalala uthe uma sekukhethwa ubuholi eMangaung bafuna ukukhetha abantu abangeke baze bananaze ukuthatha izinqumo ngamahlongandlebe noma nje ngesimo esithile esidinga ukusukunyelwa.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services