Advertisement

EloBobby Motaung lihlehlisiwe

SIZOBUYELA ngenyanga ezayo enkantolo isikhulu seKaizer Chiefs, uMnuz Bobby Motaung, kanye nabanye abahlanu ababhekene necala eliphathelene no-R920 million wokwakhiwa kwenkundla iMbombela eMpumalanga.

UMotaung ubhekene naleli cala noMnuz Hebert Theledi kanye nowayeyisikhulu esiphezulu enkampanini iLefika Emerging Equity, uMnuz Chris Grib, ummeli uMnuz Michael Romanos, owayeyimenenja kumasipala iMbombela, uMnuz Jacob Dladla nomunye owabe eyimenenja ye-technical services kumasipala waseHlanzeni, uMuz Tebogo Kubeka. Laba bavele izolo enkantolo yeMantshi eNelspruit.

UBOBBY Motaung oyimenenja yeKazier Chiefs emi ngaphandle kwenkantoo yaseNelspruit lapho ebhekene khona namacala enkahlakalo. Isithombe: Mandla Khoza. Credit: Mandla Khoza

Abazange babuzwe ukuthi bayalivuma noma bayaliphika yini icala. Amacala ababhekene nawo awokukhwabanisa, amathathu enkohlakalo, uzungu lokwenza inkohlakalo nokuphula umthetho iMunicipal Finance Management Act.

Leli cala lisukela ekwakhiweni kwenkundla ka-2010 iMbombela stadium eyabiza uR1.2 billion.

Ekusukeni bekuwuDladla noKubeka kuphela ababebekwe icala elithinta imali engu-R920 million kodwa ngoLwesihlanu iNational Prosecuting Authority ingeze uMotaung, Theledi, Grib noRamano.

Bobane babekwe amacala amasha ngesikhathi bevele ngelinye icala lika-R143 million ophathelene nokuphathwa nokudweba i-pulani yenkundla.

UMshushisi uPatrick Nkuna utshele inkantolo ukuthi amacala amasha amayelana nokulahleka kuka-R920 million nokuthi abasolwa bahlangana ngenkohlakalo baqasha inkampani iBasil Reed ukwakha inkundla.

SHOW ALL
Advertisement