Enye imali yekhonsathi yoKhozi izosiza izingane

Comment on this story
NO_wiiinie0 INL SA UWINNIE Mashaba uzokube engomunye wabaculi abazobe benandisa eCoca Cola Park ngo Agasti 4. Isithombe: Munyaradzi Vomo

SIZWE BLOSE

ABAGQUGQUZELI bomcimbi obizwa ngoKhozi FM Gospel Music Festival bathi enye imali ezotholakala emasangweni izonikelelwa izingane nomama abadinga usizo ngaphansi kwenhlangano ebizwa nge-Arnie Williams Foundation.

Le ndumezulu yomculo wokholo izoba seCoca Cola Park ebiyaziwa nge-Ellis Park Stadium ngo-Agasti 4.

USipho Makhabane weBig Fish Music engabanye babahlanganisi balo mcimbi uthe abafuni ukugcina ngokugxumagxuma nje esiteji kodwa bafuna abantu baphume bezuze okuthize kulo mcimbi.

“Kuzoba khona noMfu Moosa Sono ozothandazela iNingizimu Afrika aphinde akhulekele abagulayo nalabo abafuna umsebenzi.

Kunabaculi abaningi abafuna ukungena kulo mcimbi yingakho sesihlele ukuthi siqale ngo-8 ekuseni esikhundleni sika-10 ukuze nabaculi abasafufusa bathole ithuba,” kusho uMakhabane.

NO_luuuundi0 ULUNDI Tymara uzobe ekhona naye ejabulisa abathandi bomculo wokholo. INLSA

Uthe amathikithi ayatholakala kuma-computickets, kunelika R80, R100 nelika-R130 kanti imali ezotholakala enye yayo izonikelelwa laba besifazane nezingane abaswele.

UMakhabane uthe balindele abantu abangaphezulu kuka-40 000 kulo mcimbi.

Uphinde waveza ukuthi isitobhi esilandelayo salo mcimbi sizokuba KwaZulu-Natal.

“Yize singakayikhombi indawo esizokwenzela kuyona lo mcimbi kulesi sifundazwe kodwa noma yikanjani uma sisuka eGoli sizoya khona. Sithola imiyalezo eminingi kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ethi lo mcimbi awuze khona ngemuva kwalo ozokwenzeka eGoli,” kusho uMakhabane.

Uthe eCoca Cola Park bazokube bebophele izilomo zodwa, okungabalwa kuzona uRebecca Malope, Sfiso Ncwane, Keke, Thobekile, Hlengiwe Mhlaba, Lundi, Sipho Makhabane, Sechaba, Keke, Pastor Ncanda, Israel Mosehla, Winnie Mashaba, Solly Mahlangu, S’phiwe, Abanqobi nabanye.

Uphethe ngokuthi kungakuhle abathandi bomculo wokholo bagcine isikhathi njengoba lo mcimbi uzophela ngo-7 ebusuku.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.