Esinye isithombe ngoZuma kolukaTambo

Comment on this story
no pots

INTATHELI YESOLEZWE

KUZOVELA olunye uhlangothi ngempilo kaMengameli uJacob Zuma ohlelweni lwezingxoxo olusanda kubuya, iPeople Of The South.

Esiqeshini sesibili salolu hlelo lukaDali Tambo, kuzobe kukhulunywa noZuma ozobe exoxa ngempilo yakhe kusuka eseyinsizwa kuze kube ungena kwesobumengameli.

Kulesi siqephu kuzovezwa uDali evakashele uZuma ekomkhulu eMahlamba Ndlopfu, nokuyilapho ezobe ekhumbula khona izinsuku zamzukwana eseyingqwele emdlalweni wokulwa ngenduku nokwalusa izinkomo, okwamphoqa ukuthi angayi esikoleni njengezinye izingane.

UZuma uzophinde axoxe ngesikhathi asidonsa ejele eRobben Island, iqhaza alibamba ekulweni nobandlululo nangokuya kwakhe ekudingisweni.

Kulo lolu hlelo uDali uphinde ahambele eNkandla okuyindawo lapho uZuma ebeka khona eceleni isigqoko sokuba ngumengameli kepha agqamise ukuba ngubaba nokuba yilungu lomndeni wakwaZuma.

Kuzovezwa uZuma enesidlo sasemini nezingane zakhe nazo eziveza esazo isithombe ngoZuma.

Zona zixoxa ngokukhula kwazo zinoyise odume emhlabeni jikelele, zixoxa nangokuthi noma edinwe kanjani kepha akaze aziphakamisele isandla.

Ziphinde zincokole nangokuthi zamfundisa kanjani uyise ukuthi akwazi ukuphimisela ukuthi “ngiyakuthanda.”

Konke lokhu nokunye kuzovela esiqeshini sePeople Of The South, edlala ngeSonto, ngo-8.30 ebusuku, ku-SABC 3.

Ezinye izivakashi ezizoba kwezinye iziqephu zalolu hlelo nguMvikeli woMphakathi u-Adv Thuli Madonsela, owayengumqeqeshi wamaBhokobhoko uPeter de Villiers, umlingisi weSidingo uRobert Whitehead odlala indawo kaBarker noBaleka Mbete onguSihlalo we-ANC kuzwelonke.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.