MINENHLE MKHIZE noMTHOKOZISI MNCUSENI
I SIKHWISHIKHWISHI se-Orlando Pirates uTlou “Sox” Segolela uyaleze abakwa-MTN ngokuthi ababe beqala ukwakha indebe entsha ngoba akaboni lutho olungabamba ezakhe ekutheni zisivikele ngempumelelo isicoco seMTN 8.
EZimnyama zizovula neBloemfontein Celtic ku-quarter final yokuqala kusasa ngo-8 ebusuku, e-Orlando Stadium.
Ngonyaka odlule iBhakabhaka liguqise iKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu ngegoli lika-Oupa “Ace” Manyisa. Ngo-2009/2010 iBucs iyona futhi ekhonyile ishaya iMoroka Swallows sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium. Uma iPirates ingaphinde isivikele lesi sicoco abakwaMTN bazophoqeleka ukuba bakhe inkomishi entsha ngoba iBucs izoyigcina le ekhona manje.
USegolela ekhuluma ne Solezwe, uthe bazimisele ngokuqhubeka lapho begcine khona beshaya iChiefs koweCarling Black Label Cup ngoMgqibelo odlule.
“Inhloso yethu enkulu ukuvikela isicoco sethu ngempumelelo. Lokhu ngeke kuze kube lula ngoba wonke amaqembu alinyusa kakhulu izinga uma edlala nathi. IMTN 8 sifuna kube ngeyethu unomphelo. ICeltic ihlezi iyiqembu elinzima,” kusho uSegolela. “Ngesizini edlule basishayile ngomzuliswano wokuqala kwathi ngowesibili sakwazi ukubuyisa izinduku. Ukuzethemba esikuthole ngokushaya iChiefs yikona okungenza ngibone sizowunqoba lo mdlalo. Umoya eqenjini uphezulu kanti wonke umuntu usebenza kanzima ukuze kufike lo mdlalo sisesimeni esifanele.”
IPirates ayizange yenze izinguquko eziningi eqenjini elinqobe izicoco ezintathu ngesizini edlule. Ilande u-Ayanda Gcaba, Onyekanchi Onkonkwo, Patrick Phungwayo, Manti Maholo, Khethokwakhe Masuku no-Aubrey Ngoma.
“Lo mdlalo sizowudlalela phambi kwabalandeli bethu okuchaza ukuthi kumele nakanjani siwunqobe. ICeltic siyayazi ukuthi idlala kanjani futhi sizoyihlasela zisuka nje ukuze singayiniki ithuba lokungena emdlalweni,” kusho uSegolela.
ICeltic iya kulo mdlalo ngenqwaba yabadlali abasha abafike njengoba bekuvaliwe kodwa ogqamayo uKurt Lentjies odabuka eKapa osayine esuka kuMaritzburg United.
Lo mdlali ohlale enza kahle uma ebhekene nePirates uthembise ukuthi uzokube edlala ngendlela ahlale enza ngayo ngoba akakholwa ukuthi kusemqoka ukushintsha into engonakele. Uthe ukuthenjwa nguClinton Larsen ongumqeqeshi weSiwelele kumfaka umfutho wokuthi amkhokhele lo mqeqeshi kanti akazimisele nakancane ngokuphoxa izindimbane zabathandi baleli qembu abahlale behamba nalo ebuhleni nasebubini.
“Akukho okuyisipesheli okuzoshintsha njengoba sengilapha ngaphandle kokuthi umfutho uzokuba mkhulu manje kwazise sengizokube ngidlala phambi kwabalandeli abaningi okuyinto engingayijwayele. Ukungilanda komqeqeshi kusobala ukuthi kukhona akubona kimina ngakho-ke ngibhekene nenselelo yokumkhokhela ngokungethemba kwakhe. Akuphikiwe ukuthi kuzokuba wumdlalo onzima kwazise sibhekene neqembu elidla zonke izinkomishi kodwa ngeke sibaphoxe abalandeli ngokunjalo nabaphathi abakubeke kwacaca ukuthi kubalulekile ukuthi sibe khona kuyona yonke imibango yezindebe kuqala ngeMTN 8,” kusho uLentjies.
n Khonamanjalo iPirates ikhiphe isitatimende sokuthi uSegolela noThandani Ntshumayelo bazohlolwa kusasa ukuthi bawulungele yini umdlalo ngoba bebethintekile.