USIHLALO weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, wethemba ukuthi uxhaso olusha lwenkampani yezimoto iToyota luzolekelela nasekuvundululeni ithalente elisha eqenjini.
Izolo abakwaToyota, inkampani yezimoto yaseJapan, neChiefs, bamemezele ubudlelwano obusha obuzoqhuba iminyaka emithathu. Phambilini ezikaMotaung bezixhaswe ngabakwaNissan kodwa igoda lagqabuka eminyakeni emithathu edlule.
“Lolu xhaso lufana nokuthola amaphiko okufinyelela kuzona zonke izinkalo zezwe okuzosisiza ekutheni sithumele izinhloli zethu ukuthi zihambele izindawo ezehlukene ukuyovundulula ithalente.
Kule minyaka edlule ngicabanga ukuthi besisebenzisa imali elinganiselwa ku-R3 million ngonyaka siqasha izimoto kwa-Avis uma sihamba. Ezinye izimoto zizoyiswa esikhungweni sethu ukuze benze umsebezi wabo ngendlela,” kusho uMotaung.
Uthe bekungelula ukuthola abaxhasi abasha ngenxa yesimo somnotho esingesihle kodwa nabo bebengajahile ngoba bebefuna ukusebenzisana nabantu abatholanayo nabo.
“Lobu budlelwano bona buthanda ukungithinta ngoba naphambilini ngesikhathi siqala kukhona abakufaka,” kusho uMotaung.
IToyota izonikela ngezimoto eziwu-20 eNaturena okukhona amakhumbi, ama-bakkie nezimoto ezincane. Abalandeli ngeke basale ngaphandle. E-FNB Stadium, inkundla iChiefs eyisebenzisa njengeyayo, kuzodedelwa izindawo zokupaka eziwu-250 eziphephile zabalandeli. Ofike kuqala enkundleni nguyena ozoyithola indawo.
Mayelana nokwenzeka enkundleni eqenjini elikhulu uMotaung uthe: “Njengawo wonke amaqembu ngibheke ukuthi siwine yonke imidlalo esisalele. Kwesinye isikhathi-ke uma ubeka izinhloso zakho kusuke kungasho ukuthi uzokuzuza lokho.”
Iqembu lakhe eliphekwa nguSteve Komphela liwuqale ngegiya elihle * -2017 liguqisa iFree State Stars ngo 3-1 emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Ngempelasonto Amakhosi azovakashela iMaritzburg United ngoMgqibelo eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngo-8.15 ebusuku.