AKAKHATHAZEKILE ngamanye amaqembu abanga nawo isicoco se-Absa Premiership umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane.
ISundowns izobhekana nePolokwane City emdlalweni weligi eLoftus Stadium, ePitoli, namuhla ngo-7.30 ebusuku. Leli qembu laseChloorkop lizoya kulo mdlalo lisalele emuva ngemidlalo emine.
“Umdlalo onzima wangoLwesibili (namuhla) okufanele siwunqobe. Kuhle ukuthi amaqembu afana neBidvest Wits, Kaizer Chiefs, SuperSport United nawo abuye angayiwini imidlalo yawo. Imidlalo esisalele ngayo emuva ayiwona amaphuzu,” kusho uMosimane.
Uthe uyakujabulela ukubizwa kukaPercy Tau kuBafana Bafana.
“Usemncane uyafunda. Ngemuva kokuthi ebizwe kuBafana ugeje igoli. Walishaya igoli eZambia ngesikhathi silifuna. Ngiyajabula ukuthi ubiziwe kuBafana Bafana,” kusho uMosimane.
Uthe umdlalo wabo neKampala City Council bewungelula njengoba izivakashi zishaye igoli ekuhambeni. ISundowns iwine lo mdlalo ngo 2-1.
“Siqale sadlala kahle kodwa sashintsha ngokuhamba kwesikhathi sangadlala kahle. Ayikho into embi kodwa ngoba siwunqobile umdlalo. Sifundile ngomphumela,” kusho uMosimane.
Uthe leli qembu liyadlala impela alizibeki phansi wathi bebezimisele ngokuwunqoba umdlalo.
“Abapheli mandla, bayalwa bayagijima. Ngeke ngikhale ngesikhathi ngoba yinto ejwayelekile. Badlale kahle bekhombisa ukuthi bafuna ukunqoba umdlalo.”
UMosimane uthe babazumile ngegoli ngoba naye ubengalindele ukuthi lingangena.
“Okwamanje ngeke sithi igoli abalishaye ekuhambeni lizobasebenzela. Kufanele sikulungele ukubhekana nabo ngoba ngeke kube lula futhi sizodlala enkundleni engenabo utshani bemvelo. Nakubo ngeke kube lula bazohambisa abantu phambili befuna ukushaya amagoli kanti nathi sizobe singazibekile phansi,” kusho uMosimane.
Uthe bazolungiselela umdlalo womlenze wesibili ekuhambeni ngokuthi bazijwayeze inkundla engenabo utshani bemvelo efana neNike Training Centre.
Uveze ukuthi kungenzeka adlale eKampala uTiyani Mabunda wathi uDenis Onyango usalimele.
“UMabunda asimdlalisi ngoba sifuna adlale eKampala njengoba elimele. Akukubi ngoba siyawashaya amagoli nasekuhambeni,” kusho uMosimane.
Namuhla iSundowns izobhekana nePolokwane esanda kushiywa ngumqeqeshi uLuc Eymael osezoqeqesha iBloemfontein Celtic.