CLOSE X
Advertisement

Akayiniki lutho iSuperSport kuNedbank

Ezemidlalo

AKABONI bezoba nenkinga yokubhekana neSuperSport United koweLast 16 yeNedbank Cup umdlali weKwaDukuza United uThapelo Aphane kulandela ukushaya kwabo i-Ajax Cape Town. Imidlalo yalo mqhudelwano ompetha bawo okuyiSuperSport izodlalwa maphakathi kuka-Ephreli 5 no-9.

Kuzocaciswa ngezinkundla nokuqala kwemidlalo maduze.

Share this story
UNEO Makua we-Ajax Cape Town egadulisa uThapelo Aphane emdlalweni weNedbank Cup last 32
Isithombe: BACKPAGEPIXUNTUTHUKO Mabaso we-Ajax Cape Town nomdlali weKwadukuza United Sihle Myeza 
Isithombe: BACKPAGEPIX

IKwaDukuza ebhekene nomqansa ongakhwelwa mbhongolo kulindeleke idlale eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont okuyinkundla equbukele esiswini njengotshwala i-Ajax Cape Town.

“Cha angiboni sizoba nayo inkinga njengoba sikwazile ukushaya i-Ajax. Bangamaqembu adlala ku-Absa Premiership bobabili nendlela abadlala ngayo icishe ifane. Sizolwela ukuthi sidlulele kuma-quater final alo mqhudelwano ngoba sibheke ukuthi sifike kowamanqamu, uma senze njalo siyobe senze lukhulu,” kusho * -Aphane othe bazosebenzisa ukuthi bayabazi abeSuperSport kanti bona abazi lutho ngabo.

“Esikuthandayo ukuthi thina siyincwadi evaliwe kubo. Kanti thina sibazi ukusuka nokuhlala ngoba bona sihlale sibabuka. Ngiyabathemba abadlali esinabo eqenjini lethu nomqeqeshi wethu uThami Ngubane onesipiliyoni. Singafika kowamanqamu eNedbank.”

Ukaputeni weSuperSport United uClayton Daniels uthe bazobe beyiqaphe ngeso lokhozi iKwaDukuza ngoba babonile ukuthi iyenzeni i-Ajax.

“Asifuni esikubone ku-Ajax sikubone kwenzeka nakithi ngoba lokho kuyobe kulihlazo elikhulu. Sizobe sisesimweni esihle sokuthi sibhekane nabo. Njengoba kuyithi esivikela isicoco seNedbank kufanele senze amalungiselelo amahle alo mdlalo bese siyoqedela umsebenzi enkundleni. Siyakwazi nokuthi bayasazi thina bona asibazi. Kodwa sifuna ukuthi senze umsebenzi bese sidlulela esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano,” kusho uDaniels.

Elinye iqembu laKwaZulu-Natal elibheke nezimbila zithutha yiLamontville Golden eqhathwe neMamelodi Sundowns engompetha beligi, Champions League neSuper Cup.

Amanye amaqembu azobe ebhekiwe ukuthi ayadlulela yini kumaquartefinal yizinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates ezoyodlala ekuhambeni neFree State Stars neKaizer Chiefs ezodudulana ekhaya ne-Acornbush emangaze abaningi iguqisa iCape Town City.

Ephawula ngemuva kokuqhathwa nalezi zingqungqulu zasePitoli ukaputeni we-Arrows uMatome Mathiane uthe: “Siyabahlonipha kakhulu njengompetha base-Africa yonkana kodwa sithi sizimiselele ukuthi sibacasule ngokuthi sibakhiphe kulo mqhudelwano. Ngeke kube lula kodwa sizolwela ukuthi basheshe bawashe ijezi kule ndebe. Banabadlali abahle kakhulu kodwa singabashaya.”

Aqhathwe kanje esewonke amaqembu azodlala kwiLast 16 draw: Chippa United v Polokwane City, Bloemfontein Celtic v Mbombela United

Free State Stars v Orlando Pirates’ Jomo Cosmos v BidVest Wits Baroka FC v Platinum Stars; Mamelodi Sundowns v Lamontville Golden Arrows Acornbush United v Kaizer Chiefs.

Share this story
Advertisement
X