AKAZIMISELE ngokubuyela kwi-Absa Premiership umdlali weBafana Bafana u-Andile “Gattuso” Jali iqembu lakhe elizibekisele indawo emidlalweni yokuhlungela ukudlala kweyamaqoqo e-Europa League.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuxoxwa nemenenja yakhe uMike Makaab weProSport International ngoLwesibili ebusuku eMhlanga.
U-Andile kuvela ukuthi ubecathanyelwa yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Njengamanje uJali uyibamba ku-KV Oostende edlala kwiligi enkulu yaseBelgium.
“Mancane kakhulu amathuba okuthi uJali uzobuyela eNingizimu Afrika. Ukuthi phela ebholeni ngeke ushaye phansi ngonyawo. Usalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe ne-Oostende futhi iqembu lakhe lizibekisele indawo ku-Europa League ebophele izinkunzi ezinjengo-Arsenal kulo nyaka. Ekupheleni kwenyanga iqembu lakhe lizoqala imidlalo yokuhlunga. Wenze kahle kakhulu ngasekupheleni kwesizini ebinzima kakhulu njengoba ephazanyiswe kakhulu wukulimala. Ufake isandla ekutheni iqembu lizibekisele indawo ku-Europa League. Emdlalweni wokugcina ushaye ingcwenga yegoli bedlala neGenk. Kulo mdlalo ukhombise abaningi ukuthi umsebenzi wakhe akuwona ukumaka kuphela kodwa uyakwazi ukuhlakaza iminyakazo yezitha bese eba yingxenye yeqembu uma lihlasela,” kusho uMakaab.
IPirates iveze ukuthi isisayinise uThamsanqa Sangweni obegijima kuChippa United. USangweni udlala indawo efanayo nekaJali.
“Ngicabanga ukuthi kungabe siyahlanya uma singafuna ukumsusa ku-Oostende. Unengqayizivele yethuba lokuzidayisa emaqenjini amakhulu ase-Europe. Iqembu elingamthola yiqembu elingakhokha imali yangempela. Isicelo esingasibhekisisa esiqhamuka eqenjini lase-Europe noma eChina. Njengamanje izinto zikhomba ukuthi * -Andile uzohlala ku-Oostende ngesizini ezayo,” kusho uMakaab.
UMakaab uveze ukuthi i-Oostende yakhokhela uJali imali engaphezu kuka-R30 million uma sekuhlanganiswa nomholo wakhe ngesikhathi imthenga kuPirates. “ISundowns nePirates bake bangithinta ngoJali. Ngicabanga ukuthi lokho akusiyo imfihlo. Yize besithintile kodwa alikho iqembu eselike leza nesicelo sangempela ngaphandle kokubuza ngesimo somdlali. Uma ngikhuluma ngesicelo ngisuke ngikhuluma ngento ebhalwe phansi. Lapho usungakwazi ukusidlulisela eqenjini lo mdlali. Yingakho kumqoka ukuthi ungatatazeli uma ubuzwa ngomdlali osenenkontileka neqembu. Le nto ishaya ama-agent amaningi. Igcina yenza amaqembu angakuthembi.”