IKAIZER Chiefs ifuna umgadli ongalibheki ipali njengoba sekuphele amasizini amabili ingekho injabulo yezicoco eNaturena.
Engxoxweni umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, abe nayo kwi-website yeqembu izolo, udalule ukuthi ulubalela ukuthola umgadli ozohamba ezinyathelweni zikaSiyabonga “Bhele” Nomvete noCollins Mbesuma ngezikhathi zabo besayibamba kuMakhosi.
Ngesonto eledlule leli qembu lidalule ukuthi lisezinhlelweni zokudedela abadlali abayisikhombisa.
Phakathi kwabo kukhona nabagadli, uSiphelele Mthembu, Camaldine Abraw noMichelle Katsvairo bonke uKomphela angabasebenzisanga ngesizini edlule.
Lokhu kusho ukuthi kubagadli sekusele uBernard Parker, Gustavo Paez noRyan Moon.
UKomphela uthe ugculisekile ngokuthi amagoli abawatholile ngesizini edlule aqhamuke ngeminyakazo ehlukene.
“Sakhe amathuba amaningi, ngakho lokho akuyona inkinga. Size sathola namaphenathi amanye awo esiwagejile okuyimiphumela esilahlekisele ngamaphuzu.
“Besidinga umgadli oshisayo phambi kwamapali. Isibonelo uSiyabonga Nomvete owasiza iMoroka Swallows iqeda endaweni yesibili ngamagoli angu-20 ngesizini ka-2010/2012. Kwenzeka okufanayo ngesikhathi uCollins Mbesuma eshaya amagoli angu-25 esiza iChiefs inqoba iligi ngesizini ka-2004/2005. Yilolu hlobo esilubhekayo,” kusho uKomphela.
Nokho kubukeka sengathi izinga selehlile kuMbesuma obeyibamba kwiHighlands Park ngesizini edlule. UNomvete owake wagijima kuChiefs kumasizini edlule, usavutha phambi kwamapali. Ube ngowesibili kwabahamba phambili ngamagoli angu-17 awashayele AmaZulu FC kwiNational First Division ngesizini edlule.
UKomphela uyakholwa wukuthi uPaez noMoon bangaba yimpendulo yamagoli.
UPaez odabuka eVenezuela uqede isizini eshayele iChiefs amagoli amahlanu yize efike maphakathi nesizini. Uthe wethemba ukuthi uPaez noMoon bazoba nayo inhlanhla yamagoli
“Ngithemba ukuthi bazowuthola umgqigqo, bangalimali bese beba nenhlanhla yamagoli. Abagadli bayayidinga inhlanhla ngaphezu kwethalente abanalo,” kusho uKomphela.