UMENGAMELI weCricket South Africa (CSA), uChris Nenzani, akalilahlile ithemba lokuthi amaProteas azogcina eyinqobile iNdebe yoMhlaba.
AmaProteas aphinde ashaya udaka kwi-ICC Champions Trophy kade ebhekwe ukuthi agile izimanga ngoba aye kuwo ekleliswe endaweni yokuqala emazweni ahamba phambili emidlalweni yosuku olulodwa emhlabeni.
Iqembu laseNingizimu Afrika liphume kuseva (esigabeni samaqoqo) kwiChampions Trophy ephothulwe ngeSonto e-England, lapho kuwine khona iPakistan ihlula i-India kowamanqamu. Lokhu kubeke ikusasa likaRussell Domingo ocija amaProteas engcupheni.
“Umqeqeshi uma esifakile isicelo kuzobhekwa ukuthi ukufanele yini ukuba sohlwini lwabaqeqeshi okuzokhethwa kubo umqeqeshi omusha weqembu lesizwe. Nakanjani indlela iqembu elenze ngayo izobhekwa uma sekubhekwa isicelo sakhe. Noma kunjalo kodwa kusamele athumele umbiko achaze ukuthi kungani iqembu lishaye udaka.
“Ithemba asililahlile. Iqembu esinalo liqine ngokwanele ukuthi ngo-2019 lingasenza siziqhenye ngokuthi libuye neNdebe yoMhlaba. Ngiyazi ukuthi kuzoba nzima ukuthi abantu bangikholwe ngoba bazosahlulela ngesikwenze kwiChampions Trophy kodwa iqembu lethu liqinile futhi lingayiwina iNdebe yoMhlaba,” kusho uNenzani.
AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba selokhu abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngo-1992. Asanqobe iChampions Trophy kuphela ngo-1998 eBangladesh.
“Siyethemba ukuthi kungekudala sizosithola isisombululo sokuthi yini sitatazele uma sekumele sikhombise ukuthi siyiqembu elihamba phambili emhlabeni. Mhlawumbe ukungenzi kahle kwiChampions Trophy kuzosivula amehlo. “Umqeqeshi esimfunayo ozokwazi ukukhetha iqembu elakhiwe ngabadlali bezinhlanga ezehlukene eNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokho kumele abe namava okuqeqesha ezingeni lomhlaba ngempumelelo. Okunye esikubhekile wulwazi lwakhe ngekhilikithi yakuleli,” kusho uNenzani.
Kusasa iqembu lesizwe lizodlala umdlalo weT20 wokuqala ne-England.
Isiyonke imidlalo ezodlalwa ne-England imi kanje:
Kusasa: England v South Africa (T20, The Rose Bowl, Southampton, 7.30pm)
NgoLwesihlanu: Englandv South Africa (T20, County Ground, Taunton, 6pm)
NgeSonto: England v South Africa (T20, Sophia Gardens, Cardiff, 3.30pm)
NgoJulayi 6: England v South Africa(Test, Lord`s, London, 12pm)
NgoJulayi 14: England v South Africa (Test, Trent Bridge, Nottingham, 12pm)
Ngojulayi 27: England v South Africa (Test, The Oval, London, 12pm)