UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, uzwakale sengathi unokunengeka ngabadlali bakhe, ikakhulukazi u-Anthony Laffor (osesithombeni) ongenelwe wumkhuba wokugeja izimbuzi zamagoli muva nje.
ULaffor uphinde wageja uqekelele wegoli benqoba kanzima ngo 2-1 kuPlatinum Stars emdlalweni we-Absa Premiership eRoyal Bafokeng Stadium, ngoLwesibili ebusuku. Wenze okufanayo nasemdlalweni weSuper Cup bebhekene neTP Mazembe.
NgokukaMosimane abadlali bakhe sebenomkhuba wokuthatha kancane amaqembu ngoba bengompetha beCaf Champions League, umkhuba omcasulayo. Uthe benza sengathi kuyilungelo labo ukunqoba ngoba bengompetha base-Afrika.
Yize ekhala kanje ngoKhama Billiat noPercy Tau kodwa anenkinga ngempela naye uLaffor osekwenze umkhuba ukuyeka amagoli.
“Ngiyabathanda abadlali bami ngakhoke kusemqoka ukuthi ngibagxeke uma ngibona ukuthi bayaphuma emgqeni. UPercy (Tau) uqokwe njengomdlali ovelele kodwa ngiyakuphikisa lokhu ngendlela adlale ngayo esiwombeni sokuqala. Yebo usiwinisile uBilliat kodwa ubengeyena. Ngeke ngiyiphathe ekaLaffor ngoba manje usekwenze umkhuba lokhu. Ngimqalise umdlalo wePlatinum ngenhloso yokumbuyisela ukuzethemba kwakhe emuva kwenqwaba yamathuba alula awayeke sidlala neTP Mazembe. Angisazi ngempela ukuthi ngizothini kuyena,” kusho uMosimane.
Mayelana nokunqoba uthe uyawamukela amaphuzu amathathu kodwa uyazi ukuthi bekungenzeka asale eRoyal Bafokeng Sports Palace.
“Esiwombeni sokuqala besidlala into engekho. Siyeke amathuba amaningi kakhulu. Besingadlalisi okompetha kangangokuthi nangesikhahti sekhefu ngihlulekile ukuqeqesha ngoba bengingazi ngempela ukuthi kufanele ngithini kubona. Sibe nenhlanhla nje namuhla amadlozi ebhola abheka ngakithina. Ngeneme ngamaphuzu kodwa indlela esidlale ngayo akuyona engingayihlanganisa neSundowns. Uma sizoqhubeka kanje sizothwala kanzima kodwa nginethemba lokuthi bazowuyeka lo mkhuba ngoba bakwazi kahle okulindeleke kubona,” kusho uMosimane.
UCavin Johnson wePlatinum uthe ukholwa wukuthi bekufanele okungenani bathole iphuzu kulo mdlalo ngendlela abenze ngayo.