AKAZI lutho umqeqeshi wePlatinum Stars, uCavin Johnson, ngeqembu abaqhathwe nalo emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela amaqoqo kuCAF Confederation Cup.
Izolo aqhathiwe amazwe azodlala kuLast 32 yeConfederation Cup umlenze wokuqala ozoba ngo-Ephreli 7-9 kuthi owesibili ube ngo-Ephreli 14-16.
IDikwena izoqala e-Ivory Coast lapho izobe ivakashele i-AS Tanda emlenzeni wokuqala. ISuperSport izoqala ekuhambeni neBYC yaseLiberia, iBidvest Wits izokwamukela iSmouha yase-Egypt.
IWits yehlele kuConfederation Cup ngemuva kokuphuma kuChampions League kanti iSuperSport nePlatinum badlulele kulesi sigaba ngemuva kokunqoba emaqenjini ababeqhathwe nawo emzuliswaneni odlule walo mqhudelwano.
Uma bedlula lapha bazongena esigabeni samaqoqo.
“Ngibonile ukuthi siqhathwe ne-AS Tanda kodwa-ke angazi lutho ngayo. Sizobona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi sitholani,” kusho uJohnson.
Okuzwakale kuxaka lo mqeqeshi ukucinana kwemidlalo njengoba iqembu lakhe lisayibambe kuyo yonke imiqhudelwano, okuyiConfederation Cup, Nedbank Cup kanti kukhona nemidlalo yeligi lapho belwela ukuqeda kuTop 8. KuNedbank Cup, iStars iqhathwe neBaroka FC, imidlalo isazomenyezelwa ukuthi izoba nini.
Uma sekubuywa kuligi iqembu likaJohnson lizothuthana neZitshudeni eBidvest Stadium ngo-Ephreli 2.
Phambilini uJohnson utshele leli phephandaba ukuthi ufuna ukuhamba ibanga elide kuConfederation Cup eyoze iphele ngoJulayi ukuze aqinise ukhakhayi isikwati sakhe iningi laso esakhiwe ngabadlali abasebancane.