UMQEQESHI weBidvest Wits uGavin Hunt usazimisele ngokutheza ezinye izinduku ezintsha azogadla ngazo ngesizini ezayo.
IWits engompetha be-Absa Premiership neMTN 8 isanda kusayinisa uSteven “Schillo” Pienaar, Daylon Classen noThato Thlone.
Leli qembu elisezinhlelweni zokuvuselela inkontileka kaSiboniso “Pa” Gaxa lizoyibamba kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
UHunt exoxa neSolezwe ngemuva kokuhlabana ngomklomelo womqeqeshi ovelele emcimbini wePremier Soccer League (PSL) eSandton Convention Centre ngesonto eledlule, uthe akaqedile emakethe.
“Asiqedile ukusayinisa. Sisabheka emakethe kwazise iwindi lokuhwebelana ngabadlali lisekude ukuvalwa. Ngakho uma kunomdlali oseqophelweni eliphezulu futhi sibona ukuthi angakwazi ukusiza iqembu, ngeke simyeke,” kusho uHunt.
Lo mqeqeshi usize iWits yanqoba isicoco se-Absa Premiership okokuqala emlandweni wayo. Lesi bekuyisicoco sesibili ngesizini ka-2016/2017 njengoba bezibule ngeseMTN 8. UHunt bese kungokwesihlanu eqokwa njengomqeqeshi ovelele ngaphansi kwePSL.
Ngo-2002 waqokwa njengomqeqeshi ovelele esacija iBlack Leopards kwathi ngo-2008, 2009 nango-2010 waphinde wahlabana ngalo mklomelo kulandela ukudla izicoco ezintathu zeligi amasizini elandelana neSuperSport United.
“Angiyena umuntu okhonze imiklomelo. Mina into engifuna ukuyibona wukuthi amaqembu engisuke ngiwaqeqesha awine izicoco. Nokho kuyajabulisa-ke ukuthi uma abantu benze kahle bese beyaklonyeliswa. Lo mklomelo ungokhethekile kimina ngoba ngiwuthole ngemuva kokusiza iWits inqoba isicoco seligi okokuqala emlandweni wayo. Ngicabanga ukuthi yikona okwenza ngithi lo mklomelo ungokhethekile ngoba sengike ngawunqoba phambilini,” kusho uHunt.
IWits isheshe yaphuma kwiChampions League kulo nyaka. Ikhishwe yi-Al Ahly yase-Egypt kusahlungelwa eyamaqoqo.
“Imiqhudelwano yeCaf asiyibukeli phansi. Bengidlala ngeqembu eliqinile kulo mqhudelwano. Abantu angazi ukuthi bayisuselaphi le nto yokuthi angiyihloniphi imiqhudelwano. Ukusayinisa umdlali ofana noSteven Pienaar kuzosisiza kakhulu uma sesidlala imiqhudelwano yeCaf. Udlale isikhathi eside neBafana Bafana emiqhudelwaneni emikhulu,” kusho uHunt.