IZINKUNZI zamaqembu aseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, zabiza ingwazi yeBafana Bafana uDelron Buckely ngexhegu ngesikhathi ebuyela eNingizimu Afrika ngo-2012.
UBuckely utshele abezindaba ngoLwesihlanu ekuseni ngesikhathi ethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe ukuthi iChiefs nePirates bathi usegugile ngesikhathi ehlela ukubuyela eNingizimu Afrika. UBuckley, oseyilungu lethimba labaqeqeshi kuMaZulu, uhlale phesheya kwezilwandle iminyaka ewu-14.
UBuckley udlale kuVfL Bochum, Karlsruher SC Arminia Bielefeld, Dorrusia Dortmund, Mainz 05 okungamaqembu aseGermany, FC Basel yaseSwiterzeland ne-Anorthosis Famagusta yaseCyprus.
Ngemuva kokudlala kula maqembu uBuckely ukhuze ibuya eNingizimu Afrika ngo-2012. Wethusa abaningi esayina kuMaritzburg United. Kuleli qembu ufike waphenduka isethenjwa eshaya amagoli abalulekile okuholele ekutheni abizelwe kuBafana yize ebesehanjelwe yiminyaka.
“Ngaphambi kokuthi ngibuye ngakhuluma neChiefs nePirates kodwa bangitshela ukuthi sengimdala ngakho ababoni ukuthi kukhona engisengakwenza. Ngaleso sikhathi ngangisafuna ukudlala futhi ngangifuna ukuvala ikhasi lami lebhola ekhaya. Ngiyajabula ukuthi ngadlala kahle ngaze ngabizelwa eqenjini lesizwe yize ngingazange ngidlale. Ngabizelwa eqenjini lesizwe emidlalweni emine ngaphansi kobuholi bukaGordon Igesund. Ngangifuna ukwengeza esibalweni sami semidlalo kodwa ngebhadi kwangenzeka. Kunemidlalo engangikholwa wukuthi kwakufanele ngiyidlale kodwa ngagcina ngingayidlalanga,” kusho Buckley.
Incwadi yakhe yakhiwe amakhasi angu-215. Igama layo yiDelron Buckley My life. Ibhalwe nguMyan Subrayan. Izingwazi eziphawula ngaye nguShaun Bartlett, Mark Fish noQuinton Fortune.
UBuckley udlale kuBafana imidlalo ewu-73 washaya amagoli awu-10. Wayekhona ngesikhathi kudlalwa kuma-Olympic Games ngo-2000 eSydney, e-Australia, waphinde wayibamba eNdebeni yoMhlaba ngo-1998 eFrance nango-2002 eJapan/Korea. Phakathi kwezinto akhuluma ngazo yindlela aqala ngayo ibhola, impilo yakhe esemncane, ukudlala kuGermany Bundesliga, ukugijima kuDortmund, ukudonsa iso le-Everton yase-England kodwa wagcina engayijoyinanga nokudlala kweyoMhlaba.
“ENingizimu Afrika banalo mqondo wokuthi uma usuneminyaka engaphezu kuka-30 usuyixhegu ngeke usenza lutho. Buka uShoes (John Moshoeu osewadlula emhlabeni) ukuthi wenzani kuChiefs. Wayemdala kodwa wayeshisa,” kusho uBuckley.
Uthathe umhlalaphansi ngo-2014. “Ubudlelwano bami noSteve Komphela bebungebuhle kahle. Yingakho ngaqoma ukuthatha isinqumo sokuyeka ibhola. Nokho angimbambele igqubu ngalokho.”