UKUGUQULA umqondo kuka-Ephraim “Shakes” Mashaba, ngokuthi ekugcineni avume ukwemukela imali eyisinxephezelo sokuxoshwa kwakhe yiSafa, kwehlise umthwalo emahlombe abaholi benhlangano.
Lolu daba beseluphethwe wumehluleli ozimele ngaphansi kweCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).
Ingqinamba ebisibhekene neSafa ngeyokuthi uMashaba ubefuna ukubuyiselwa emsebenzini nobekwenza singabikhona isiqiniseko ngesinqumo sikamehluleli noma sizovuna yena ekubeni sebeqashe uStuart Baxter. Isivumelwano esenziwe ngoLwesihlanu sokuthi athathe imali kunokuthi ufuna umsebenzi wakhe, obekwenza bangabinaso isiqiniseko sokuthi isikhonzi senkantolo siqhamuke sesithi uBaxter akehle esikhundleni kuqhubeke uMashaba.
“Isivumelwano okufinyelelwe kusona ngoLwesihlanu besizosiza izinhlangothi zombili. Lolu daba bese ludonse isikhathi eside okungenasidingo. Manje wonke umuntu usezokwazi ukuqhubeka nempilo ngaphandle kokulokhu ujeqeza ngemuva ,” kusho uDominic Chimhavi okhulumela iSafa.
Ukube akuvunyelwananga bese kuthi isinqumo sithi uMashaba akabuyele emsebenzini, bekuzosho ukuthi uBaxter ubezofuna ukunxeshezelwa ngesivumelwano anaso neSafa.
Nakuba isamba okuvunyelwane ngaso singadalulwana kodwa Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi kuvunyelwane ngokuthi athathe * -R1.4 million.
Kuthiwa ngaphambili uMashaba wayethe ufuna * -R2 million noma abuyiselwe emsebenzini wakhe.
Ukuxazululeka kwendaba kaMashaba neSafa kwenzeke ngesikhathi uBaxter ematasatasa elungiselela omdlalo wokuhlungela i-Afcon abazowudlala neNigeria, e-Uyo Stadium, ngoMgqibelo ntambama.
Osophikweni lwezokuxhumana kwiSafa uMatlhomola Moraka, uthe isikwati seBafana sizohlangana eMonte Casino, eGoli, okuzolandelwa wukuyoziqeqesha e-Orlando Stadium, eSoweto.
UMorake uthe ngoLwesine iBafana izobhekisa amabombo eNigeria. Ebuzwa ngendaba yephini likaBaxter uphendule wathi: “Akukho engingakusho ngenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala angigunyaziwwe ukuphawula ngalezi zihloko kwabezindaba. Okwesibile wukuthi wudaba olungakaxazululwa. Abadlali bazohlangana nomqeqeshi kusasa, sekuyoba kuyena ukuthi uthini ngendaba yephini lakhe.” Khonamanjalo iBlack Leopards ilandele ezinyathelweni zabakhaya bayo iBaroka FC ibambana ngo 0-0 neStellebonsch emdlalweni wokuhlunga iqembu leNational First Division (NFD) elizoyodlala kwiPremiership ngesizini ezayo. Umdlalo ubudlalelwa esibayeni sayo eThohoyandou Stadium, izolo ntambama.
Emdlalweni wokuqala ngoLwesithathu olwedlule iBaroka yagcina idlale ngokulingana neStellenbosch. Umdlalo olandelayo ngowabakhaya ophakathi kweBaroka neLeopards ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu, ngo-3 ntambama.